EzintshaMamelodi Sundowns

Kuvela okushaqisayo okwabalekisa uPitso Mosimane kwiDowns

Kuvele ukuthi lo mqeqeshi wazithola esatshiswa ngokubulawa ngabathile eqenjini ngesikhathi kuqhubeka icala lakhe neSundowns enkantolo.

Abammeli bakaPitso Mosimane batshele inkantolo ngoLwesithathu ukuthi lo mqeqeshi wodumo waphoqeleka ukushiya kwiSundowns ngemuva kokuthola izinsongo zokbulawa.

Lezi zinsongo kuthiwa zabikwa kumengameli weqembu ngaleso sikhathi uPatrice Motsepe nomqondisi uRejoice Simelane — kodwa akukho sinyathelo esathathwa.

Ngokwamaphepha asenkantolo, esikhundleni sokuthi avikelwe, kuthiwa uMosimane waphoqwa ukuthi axolise kuMotsepe nakubantu ayebasola ngokusabisa ngokumbulala.

Ngomzuzwana owamangaza inkantolo, uSimelane kubikwa ukuthi akazange aziphike lezi zinsolo ngesikhathi ephekwa ngemibuzo ngonyaka odlule.

Impendulo yakhe yayimfushane futhi iqonde ngqo: “Anginampendulo kulokho Nkosi yenkantolo.”

Lezi zindaba ziza ngesikhathi uMosimane nenkampani emphethe, iMT Sports, bephikisana nesinqumo esibayalela ukuthi babuyisele imali emuva.

Le mali engaphezu kuka-R7.9 million kwakungeyesibonelelo esakhokhelwa le nkampani ngokunxenxa uMosimane ukuthi elule inkontileka yakhe kwiSundowns. 

Isikhalo siphikiswa ngu-Eric Mabuza weMabuza Attorneys, kanti kulindeleke ukuthi kukhishwe isinqumo maduze.

Khonamanjalo, izingxoxo zokuthi uPitso Mosimane abuyele eChloorkop zisamisiwe okwamanje. 

Lezi zingxoxo eziphakathi kweSundowns noMosimane ngokubuya kwakhe zithikanyezwe yilempi yezomthetho eshubile eqhubekayo.

Njengoba uJingles esenkantolo, uMiguel Cardoso uzoqhubeka nomsebenzi wakhe wokuvija labo mpetha beBetwayPremiership.

Iqembu njengamanje ligxile emdlalweni walo weligi ozayo ne-Orbit College ozoba ngoMsombuluko.

Leli cala lingase liveze amaqiniso ngokwenzeka ngemuva kwezigcawu eChoorkop.