EzintshaKaizer Chiefs

Kuvela okuhlehlisa iChiefs ekuhubheni oweBafana ebimhalela

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala udlalela iGil Vicente kwiLiga 2 yasePortugal kanti ubecathanyelwa Amakhosi isikhathi eside. 

Kodwa-ke, ikilabhu manje kubikwa ukuthi isihoxile ekutheni iqhubeke nokufaka isicelo sokuba azodlala kuyo ngesizini ezayo.

I-Soccer Laduma ibika ukuthi ikilabhu ithi inabadlali abanele kule ndawo adlala kuyo, kanti nokulimala kwakhe kuyinto eyenze yaxwaya.

IKaizer Chiefs ivele ihlome nngo-Edson Castillo, uThabo Cele, uSibongiseni Mthethwa, uSamkelo Zwane, noYusuf Maart abadlala indawo efanayo noSithole.

“Ikilabhu ibona ukuthi inabadlali abenele kule ndawo yasesiswini,” kucashunwe umuntu ongaphakathi eqenjini ongadalulwanga esho kanje. 

“Yingakho bekholwa ukuthi ukusayina uYaya akusadingeki okwamanje.”

Omunye umthombo uthe ukulimala kwakamuva kukaSithole nakho kube nomthelela omkhulu kulesi sinqumo. 

Lo mdlali wasesiswini ulimale ngesikhathi edlala kwiBafana nyakenye kanti yize eseluleme, akakaze abonakale enkundleni kule sizini.

“Ukulimala kwakhe kuphazamise yonke into ngaye,” kusho lo mthombo wesibili. 

“Izinhloli ziboba sekungaba wukuthatha amashansi nje ukumsayina. Usenesikhathi eside engadlali futhi kukhona ukukhathazeka ngokulungela kwakhe ukudlala.”

Kubikwa ukuthi leli qembu licabanga nokugcina uNjabulo Blom, okuzokwenza ukuthi ukusayiniswa komunye umdlali wasesiswini kungadingeki.

USithole, obeza kahle eqenjini lakhe ePortugal nakwiBafana Bafana uphazamiseke kakhulu ngalokhu kulimala kwakhe. 

Futhi manje lokhu kubukeka sekuxhile iKaizer Chiefs, yaqoka ukuhlehla ekutheni imbuyisele ekhaya azodlala kuyo.

Njengoba umbango wezindawo esiswini uvele uqinile kuleli qembu laseNaturaena, kubukeka sengathi