
Kuvela okucike iChippa iduba umqhudelwano
- Intatheli yeLISENETHINI
ICape Town City izovala isikhala seChippa United kwiHome of Legends Cup, umqhudelwano wosuku olulodwa ozosingathwa yiNelson Mandela Bay Agency.
Lo mqhudelwano wamaqembu amane ozodlalwa ngesikhathi sejhefu leFifa uxhaswe ngumasipala waseNelson Mandela Bay.
IChippa United imemezele ngoLwesibili ukuthi isihoxile kulo mqhudelwano ngenxa yombango wemali.
Esitatimendeni, le kilabhu izwakalise ukuphoxeka ngesikhulu esiphezulu sale nhlangano, u-Anele Qaba, emsola ngokukhokhela amanye amaqembu kakhulu kuneChippa.
IChippa iphinde yagxeka ukwabiwa kwemali yalo mqhudelwano, yathi le mali ibingasetshenziselwa ukuthuthukisa ingqalasizinda yebhola kulo masipala, njengeWolfson Stadium.
Incwadi iqhubekile yathi iChippa izamile ukulungisa lolu daba kodwa yachithwa uma ibuza ngokuthi bazobagqugquzela kanjani abadlali bayo uma bengasitholi imali efanayo neyabanye abadlali.
Ngasekupheleni kwencwadi, iChippa izifake zaphelela kuQaba.
“Le ndlela ikhombisa kabi ubuholi bukaMnu. Qaba, obubonakala bugxile kakhulu ezifisweni zakhe kunezidingo ezibanzi zesifunda sethu.
“Kuyaphawuleka ukuthi ukuqokwa kwakhe njengesikhulu esiphezulu okwamanje kungaphansi kokubuyekezwa kwezomthetho, okuphinde kugqamise ukukhathazeka ngobuholi bakhe.”
IChippa iphethe ngokuthi yona izogxila emizamweni yayo yokuqeda emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi ekupheleni kwesizini.
Njengoba iChippa ihoxile, kuvele ukuthi iCity ka-Eric Tinkler ezovala isikhala ukuze kuphelele amaqembu abe mane.
Kukhona iGolden Arrows, iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns kulo mqhudelwano ozosiza amaqembu ahlole abadlali abangajwayele ukudlala.
Lo mqhudelwano wosuku olulodwa uzoba seNelson Mandela Bay Stadium ngesikhathi sekhefu lamazwe ngamazwe leFifa elizayo.
