IBucs iqophe irekhodi, yaqeda ukhondolo lweBay
- Sibongiseni GUMBI
Iluqedile ukhondolo lweRichards Bay i-Orlando Pirates ngesikhathi iqopha irekhodi lokunqoba imidlalo yokuqala yesizini eyisikhombisa kulandelana.
IRichards Bay beyisiphenduke iqembu elithanda ukuba yinkinga kwiPirates, kodwa kule sizini iyisuthile induku.
Emdlalweni womzuliswano wokuqala ngoSepthemba 29, iPirates yayishaya ngo 1-0 iNatal Rich Boyz ekuhambeni.
NangoLwesibili ebusuku, ezikaJose Riveiro ziyiphinde ngomphumela ofanayo e-Orlando Stadium, enqoba okwesikhombisa kulandelaa kule sizini.
Lo mphumela uqinisekise ukuthi iPirates iyaqhubeka nokuqhwakela kwilogi yeBetway Premiership njengoba seyinamaphuzu angu-21.
Ishiya iMamelodi Sundowns ngayisithupha, kodwa ingalinciphisa leli gebe ngoLwesithathu ebusuku uma engahlula iPolokwane City.
Lo mdlalo bewukhethekile kumqeqeshi wePirates, uRiveiro njengoba bekungumdlalo wakhe ka-100 kusukela afika kweZimnyama.
Usenqobe izindebe esinhlanu kule midlalo, kanti uyaqhubeka nokwephula bese eqophe amarekhodi amasha.
Nomgadli weBucs, uTshegofatso Mabasa ubedlala umdlalo wakhe ka-100 kuleli qembu laseSoweto.
IPirates izothola ikhefu lamasonto amabili ngaphambi kokubuyela enkundleni ngoNovemba 26 emdlalweni wokuqala esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League.
Izovakashela iCR Belouzdad yase-Algeria bese ibuyela kuleli izobhekana neStellenbosch FC e-Orlando Stadium ngoNovemba 30.