
I-Orlando Pirates nesinqumo ngebolekise ngaye kwiBaroka
Ekuqaleni kwale sizini, i-Orlando Pirates ithenge abadlali ababili kwiBaroka FC kodwa yabolekisa ngabo bobabili ukuze baqiniswe ukhakhayi.
Inqume ukuthi abakafiki ezingeni lokuthi bengakwazi ukulwela ijezi kuyo, yabe seyibakhipha iyobasisa kwamanye amaqembu.
Yingakho-ke uKabelo Kgositsile ezithole esebuyele kwiBaroka lapho i-Orlando Pirates ibolekise ngaye khona.
UTshepo Mashiloane yena uke waqala wahlala kuzo eZimnyama, wadlala imidlalo embalwa ngaphambi kokuthi naye ayosiswa engxenye.
Lo mdlali wasemuva kwesokudla omude yena ubolekiswe kwiSekhukhune United lapho eseqalile ukuthola khona ijezi muva nje.
ILisenethini seyihoshe umoya wokuthi i-Orlando Pirates seyicabanga ukumlanda uKgositsile kwiBaroka yize ingakapheli isizini.
Ngokwemithombo, lo mdlali uvele akadlali njalo kwiBakgaga. Manje ke aMabhakabhaka afuna ukuba abuye.
“Bafuna ukuthi abe eqala ezilolonga neqembu elikhulu yize engeke esadlala kule sizini,” kusho umthombo.
“Ngeke esadlala kwiPirates ngoba ngeke isakwazi ukumbhalisa kwiPSL, kodwa ifuna abe ezilolonga ukuze ajwayele ukulungiselela isizini ezayo.”
Lo mthombo uthe usola ukuthi iPirates seyicabangela ukuthi uma kwenzeka iphoqeleka ukudayisa abadlali bayo basezimpondweni ngesizini ezayo.
Kuvele kunamahlenbezi okuthi leli qembu lingase lidayise o-Oswin Appollis, Rele Mofokeng noTsepang Moremi ekupheleni kwale sizini.
