EzintshaOrlando Pirates

Kusolwa u-Ouaddou ‘ngokuxabana’ noMaswanganyi

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou usephenduke undabamlonyeni ebholeni lakuleli ‘ngokuxabana’ kwakhe no-Patrick Maswanganyi.

Lokhu kulandela isigameko esimangalisayo esenzeka egunjini lokushintshela esivezwe ochungechungeni lwaleli qembu, iBucs Camp ngeSonto.

Lesi sigameko sesisuse izingxoxo ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana.

Sikhombisa u-Abdeslam Ouaddou ebhekene ngeziqu zamehlo nomdlali wasesiswini uPatrick Maswanganyi ngesikhathi kuyiwa ekhefini emdlalweni weBetway Premiership neMarumo Gallants.

Okumangaze abalandeli abaningi wukuthi iPirates yayihamba phambili ngo 2-0 ngaleso sikhathi.

Naphezu kwalokho, u-Ouaddou ngokusobala akazange ajabule ngokusebenza kweqembu, wabe esephuma iqhubu noMaswanganyi.

“Zinsizwa, kufanele sizimisele – aninginike imizuzu emibili nje kuphela,” kusho u-Ouaddou etshela abadlali ngesikhathi bengena egumbini lokushintshela.

“Ngikholwa wukuthi sonke silapha ngenhloso efanayo. Inina, yimina, nethimba lonke, sisemkhunjini owodwa. Sonke sifuna ukunqoba.”

Lo mqeqeshi ube esekubeka kwacaca ukuthi unomuzwa wokuthi abanye abadlali abazibophezele ngokugcwele ezinhlosweni zeqembu.

“Kodwa angicabangi ukuthi abanye babadlali lapha bayazi ukuthi sifuna ukuzuza ini. 

“Uma ulapha ukuzokwenza ihlaya, angizile ukuzoncokola mina. Sithole u 2-0 ongasifanele ngoba sidlala amas*mba.”

Isimo sashuba lapho u-Abdeslam Ouaddou esebhekisa inkulumo yakhe ngqo ku-Patrick Maswanganyi.

“Kwenzekeni kuTito? Ingabe unenkinga? Woza lapha. Khuluma. Khuluma uma unenkinga. Ngiyacela. Woza phambi kwawo wonke umuntu ukhulume.”

Lo mdlali wasesiswini ubonakale ethukile ngalokhu kuhilizisana, lapho umqeqeshi eqhubeka nokuphakamisa izwi. 

Kwaze kwagcina kungenelela abadlali abadala namalungu ethimba labaqeqeshi ukudambisa isimo.

Lesi sigameko sihlukanise imibono kubalandeli bePirates. 

Abanye bekholwa ukuthi indlela ka-Ouaddou yiyona kanye esize ikilabhu ukuthi iqede inezindebe ezintathu.

Kodwa abanye banomuzwa wokuthi ukuhilizisana kwake noTito bese kungale kwalokho okufanele.

Njengoba imizwa isaphakama, lesi siqephu sinikeze abalandeli ukubona okwenzeka ngale esithe emaqenjini.

Kulindeleke ezinye izigigaba njengoba kusenezinye iziqephu ezintathu ezisazidlalwa.

Zisakazwa ngamaSonto ngo-8pm kuSupersport 209 nasesiteshini seYouTube se-Orlando Pirates.