Ezintsha

Kushiye inqwaba kwi-Royal AM bevunwa yiPSL

Lesi sinqumo sivumela laba badlali ukuthi bengajoyina noma yiliphi elinye iqembu mahhala futhi noma nini, ngisho kuvalwe iwindi. 

Sebevele bayisithupha abadlali asebevele bathole amaqembu amasha besuka kwiRoyal AM enezinkinga eziningi. 

USabelo Sithole, u-Ayabulela Maxwele, noShadrack Kobedi basayine kwiGolden Arrows futhi ababili kubo sebevele badlalile kade ibhekene neKaizer Chiefs. 

USbongani Zulu noMfundo Thikazi bona basayine kwiRichards Bay. UKhulekani Shezi usejoyine iSekhukhune United.

Lesi sinqumo size ngemuva kokuthi laba badlali befake isicelo sokunqanyulwa kwezinkontileka zabo ngoba i-Royal AM yephule imibandela yazo. 

Umbango uqale ngesikhathi iSouth African Revenue Service (SARS) ithatha izintambo zokulawula le kilabhu esidayiswe esidlangalaleni. 

Lokhu bekwenzelwa ukubuyisa isikweletu esibikiwe sika-R40 million esixhumene nomengameli wekilabhu uShauwn Mkhize. 

Kubambezeleke ukuholelwa kwabadlali, okwenze abanye babo banquma ukuba bathathe izinyathelo zokuthi bakhululwe kuleli qembu. 

I-DRC ibe isinquma ukuthi asikho isizathu sokubavimba ukuthi bashiye kuleli qembu. 

I-SABC Sport ibika ukuthi ukusayina kwabo nabaqembu amasha kwenzekel buthule ngesikhathi sekhefu lamazwe ngamazwe leFifa lakamuva.

I-Royal AM, esangaphansi kwesigwebo seFifa sekuvinjelwa ukusayina abadlali, yazama ukuphikisa isinqumo ngomunye walaba badlali. 

Iluthathele phezulu udaba lukaSithole ngethemba lokuthi sizosichitha lesi sinqumo uma iludlulisa. 

Ibe seyilufaka kwiSafa kodwa nakhona yafika yachithwa kwathiwa ayikhokhe nezindleko zokuhlalelwa kwesicelo sayo. 

USithole ubehola u-R9 000 ngenyanga, kunesigatshana esithembisa ukunyuselwa umholo ngo-40% uma edlale imidlalo engu-10 ilandelana. 

Ngenxa yokumiswa kwemidlalo yaleli qembu kwiBetway Premiership neminye imiqhudelwano, lokhu akwenzekanga. 

Baningi ke nabanye abadlali okulindeleke ukuthi balandele isinyathelo esifanayo sokunqamula izinkontileka zabo naleli qembu. 

Uma kwenzeka lokhu, kuzoba yisithiyo esikhulu kwi-Royal AM njengoba ingase ilahlekelwe abadlali abalulekile emasontweni ezayo.