EzintshaKaizer Chiefs

Kunyuke ushukela kuNabi ebuzwa ngokufaneleka kwiChiefs 

Lo mqeqeshi odabuka eTunisia unikwe umsebenzi wokuvuselela lezi zinkunzi zaseSoweto ekuqaleni kwale sizini kodwa umehluko awubonakali. 

Uveze ukuthi wakusho efika ukuthi isizina yakhe yokuqala kuzobe kungeyokuqala uhlelo lokujika izinti, hhayi ukuzijika. 

Njengamanje iChiefs isendaweni yesishiyagalolunye kwilogi yeBetway Premiership njengoba izinto zingahlangani. 

Ingcinezi kuNasreddine Nabi yenyukile kulandela ukuthelwa kweKaizer Chiefs induku yizimbangi zayo ezindala i-Orlando Pirates. 

EziMnyama zishiye kukhalwa eFNB Stadium ngoMqgibelo ntambama, zishaya Amakhosi ngo 2-1 emdlalweni weligi. 

Emidlalweni engu-26 yeligi, uNabi usehlulwe kwengu-12, wadlala ngokulingana eyisithupha, wabe esenqoba eyisishiyagalombili kuphela. 

Nokho kunenhlansana yethemba lokuthi kukhona okungcono angakwenza kunabangaphambi kwakhe njengoba eyifake kowamanqamu kwiNedbank Cup.

“Ngokujwayelekile, bengingeke ngiwuphendule lowo mbuzo wakho,” kusho uNabi ngalo mbuzo othande ukumxhila. 

“Kodwa namuhla ngizowuphendula. Okunye ke, angicabangi ukuthi ungumuntu ofanele ukunquma ukuthi ngiyahlala noma cha. 

“Umsebenzi wami nokuthi kungani ngilapha, wonke umuntu uyazi ukuthi akuwona umsebenzi wesikhashana. 

“Ngeke ke sithuswe noma silindele imiphumela esheshayo,” kuchaza lo mqeqeshi oneminyaka engu-59 ubudala. 

“Uyintatheli eqeqeshiwe, ngakho unolwazi ngale kilabhu, le kilabhu idlalela izindebe. Leyaya idlalela iChampions League, enye idlalelwa okwayo nayo… 

“Ngize lapha ukuzoqala umsebenzi wesikhathi eside, sakusho lokhu siqala ukukhuluma nabezindaba. Yisizini yokuqala uguquko lena. 

“Uma usehlelweni olunjalo, ngeke ungitshele ukuthi ngisahlaleleni lana – awuwuhloniphi umsebenzi wakho, kodwa mina ngiyakuhlonipha.

“Ungangisukeli ngoba angiyena umqeqeshi oseyimfundamakhwela mina, nginamava amakhulu.

“Ngiyazi ukuthi uyibuzelani lento oyibuzayo, musa ukungichukuluza,” kuqhuba yena. 

Ukhale ngokuthi kuwukungawuhloniphi umsebenzi wobuntatheli nowakhe ukumbuza ukuthi ngabe umfanele yini lo msebenzi akuwo ngemuva kokuhlulwa. 

“Kufana nokuthi, ‘Ube nomphumela omubi, kungani uusahleli la’. Akukhona ukuhloniphana lokho.

“Ngibuze ngamacebo okudlala, ngohlelo lwebhola. Angithukile, ngiyakuhlonipha. 

“Nephini lami lingakutshela, ngokuvamile angiyiphenduli imibuzo efana nalona… 

“Ngiyaphinda futhi, uma uwazi futhi uwuhlonipha umsebenzi wakho, uzokwazi ukuthi kumele uluhlonze kanjani lolu hlelo esikulo. Sinohlelo okumele ubheke lona.” 

Kuvele ke sekukhona ukukhononda kubalandeli beKaizer Chiefs ngoNasreddine Nabi njengoba kukhona abambona engeke ayenzele lutho.