
AmaZulu amatasa, aqinisa ngowodumo kwiChiefs neBafana
AmaZulu FC kulindeleke ukuthi aqinise ithimba lawo lezobuchwepheshe ngozakhele igama njengomhlaziyi kwiKaizer Chiefs neBafana Bafana.
Umbiko weSportswire udalule ukuthi uSinesipho Mali uzojoyina AmaZulu njengomhlaziyi weqembu maduze.
Lokhu kwenzeka kuleli qembu elizinze eThekwini njengoba liqala amalungiselelo alo okuqhubeka nomkhankaso weBetway Premiership ngasekupheleni kwale nyanga.
AmaZulu abengenaye umhlaziyi onamava selokhu eshiywe uTshepo Mahao ngoJulayi.
UMahao ujoyine iqembu lase-Algeria i-JS Kabylie ngemuva kokusuka kuSuthu lapho enze khona umsebenzi omuhle.
Wayekade engene endaweni kaPilela Maphosa owashiya AmaZulu wayosebenza noBenni McCarthy eqenjini lesizwe eKenya.
UMali isanda kuhlukana neChippa United lapho yena – njengabaqeqeshi abaningi ngaphambi kwakhe – ehlale isikhashana.
Ubesebenza njengomqondisi wezemidlalo weqembu kusukela kuqale le sizini.
UMali wayeyilungu lethimba lezokuqeqesha kwiKaizer Chiefs futhi wayeyingxenye yethimba le-Afcon elabuya nendondo yethusi neBafana Bafana ngo-2023.
Lowo mqhudelwano wawudlalelwa e-Ivory Coast ngo-2024. UMali uphinde waba yingxenye yeBafana Bafana ebiseMorocco ekuqaleni kwale nyanga.
Nokho leli qembu lesizwe liphume kulo mqhudelwano emzuliswaneni wokuqala womkhumulajezi ngemuva kokuhlulwa yiCameroon.
Ukuthuthela kwakhe kuMaZulu akumangazi. UMali uke wamataniswa naleli qembu futhi wacishe walijoyina ekuqaleni kwesizini.
Njengoba eseya KwaZulu-Natal, uzophinde ahlangane nomqeqeshi u-Arthur Zwane. Laba basebenze kahle ngokubambisana ngesikhathi bekwiKaizer Chiefs phambilini.
Ukuqashwa kwakhe kuyingxenye yezinguquko eziqhubekayo ezenziwa yileli qembu njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabalali lamaphakathi nesizini.
Lusanda kuqinisekisa ukuqashwa kukaKurt Lentjies njengomqeqeshi oyinhloko weDStv Diski Challenge.
UThabo Mngomeni uqokwe njengephini likaLentjies. AmaZulu aphinde abuyisa u-Ayanda Mkhize njengenhloli yekhono.
FUNDA NALA | Imenenja icacisa ekaMokoena ne-Al Ahly
Ngaphezu kwalokho, leli qembu seliqedele nokusayinisa uMason Mushore osuka eZimbabwe noTashreeq Manuel.
ZITHOLE ZISHISA:Â Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
