Bafana BafanaEzintsha

IBafana idaze inkani kwayilungela i-Algeria ifuna ukuyigila

I-Algeria, ebinomfutho kulandela ukushaya kwayo ngo-3-0 osokhaya i-Uganda, ibibheke ukuqhubeka nomgqigqo wayo.

Nokho ifice le nkani ebize ngayo ikhona naseqenjini laseNingizimu Afrika eliholwa nguMolefi Ntseki. 

Leli qembu likaNtseki lakhiwe ngabadlali iningi labo elingenamaqembu nababheke ukukhombisa ukuthi basenalo ikhono elingasiza kwamanye amaqembu.

I-Algeria beyizitshela ukuthi kuzohamba ngokufisa kwayo njengoba beyilawula umdlalo esiwombeni sokuqala, futhi yalishaya kuqala igoli.

Nokho uMenzi Masuku ukwazile ukugqashula odongeni lwasemuva lwe-Algeria obeluthi lumbamba nge-offside. 

Nokho limehlulile ibhola, kodwa nganhlanhla labe seliwela kuThabiso Kutumela obe esededela ishodi ngonyawo lwesinxele, layogaxela enethini.

Amaqembu womabili awakhile amathuba esiwombeni sesibili, kodwa awangakwazi ukuthola igoli lokunqoba. 

I-Algeria ike yakhalela iphenathi ngemuva kokuwiswa komdlali wayo esebhokisini, kodwa uMehdi Merghem wagcina ethola ikhadi eliphuzi ngokuzama ukuthenga unompempe.

INingizimu Afrika manje isizogxila emdlalweni wangoMsombuluko lapho izobhekana khona neGuinea.