
Izinsolo zetulo lokuketula uBenni McCarthy eKenya
Umqeqeshi waseNingizimu Afrika uBenni McCarthy kuvela ukuthi ubhekene nezinselelo ezinkulu kunabezilindele eqenjini lesizwe laseKenya, iHarambe Stars.
Lokhu kuvele ngolwazi olwabiwe yintatheli yebhola laseKenya uCollins Okinyo enkundleni yezokuxhumana i-X ngoLwesibili ekuseni.
U-Okinyo uveze izinsolo zokuthi kunabantu abangaphakathi kwiFederation of Kenya Football (FKF) abafuna ukuketula uBenni McCarthy.
Ngokombhalo wakhe, kuneqeqebana labantu elingeneme ngoMcCarthy ngoba akaqokwanga yibo futhi abakwazi ukumlawula noma ukumkhohlisa.
“Umqeqeshi weHarambee Stars uBenni McCarthy ucekelwa phansi,” kubhala u-Okinyo, owake wasebenza ethimbeni labezindaba kwiCaf.
“Kunabantu abanobudlelwano obuqinile nomfelandawonye asebeqoka abadlali ngaphandle kwemvume yakhe.
“Bamakhela uzungu lokuthi ahluleke ukuze axoshwe bese beqoka umuntu othandwa yibo futhi abazokwazi ukumlawula,” kwengeza u-Okinyo.
Uthe kunepolitiki yangaphakathi enhlanganweni eyengamele ibhola eKenya futhi okunguye owalwela ukuqokwa kukaBenni McCarthy usevele ususiwe esikhundleni kule nhlangano.
“Sebevele balikhiphile iphini likamengameli uMacdonald Mariga obe neqhaza elikhulu ekuletheni uMcCarthy.
“Kunomshikashika omkhulu kakhulu oqhubekayo kwiFKF njengamanje,” kwengeza u-Okinyo.
UBenni McCarthy uqashwe yiFKF ngasekuqaleni kwalo nyaka kanti wenze izithembiso ezinkulu zokuguqula iHarambe Stars ibe yiqembu elinamandla ezwenikazi.
Kodwa ukugxambukela emisebenzini yakhe kungase kunciphise amathuba akhe okuphumelela.
Engxoxweni yakamuva, uMcCarthy uthe ngeke avumele muntu ukuthi agxambukele noma aphazamise abadlali bakhe.
Uthe ukwethembeka kwakhe nendlela adalwe ngayo akumvumeli ukuthi athule uma kuphazanyiswa abadlali nozakwabo.
“Ngiyakwazi engikwazi ukukwenza, ngakho-ke ngiyazi noma yini engibhekene nayo empilweni, nginendlela yami yokukulungisa, futhi ngiyaziqhenya ngalokho,” uMcCarthy usho kanje kwi-iDiski Times.
“Kodwa omunye umuntu angase angabi nenhlanhla njengami. Omunye umuntu angase abekezele, noma ebhekane nokucindezeleka…
“Noma abhekane nobuhlungu benhliziyo ngendlela ehlukile ngokuphelele kuneyami.”
Uthe yena akakubekezeleli ukubhedelwa ngoba akayona insangu ngakho akabhenywa noma ngubani.
“Uma uxova abadlali bami, abantu abasondelene nami, bese ucabanga ukuthi ngizothula – usuke ugejile impela.
“Kodwa uma ubhekana nami, kulungile. Kodwa uma usukela abantu engisebenza nabo ngeke kulunge.
“Ngifana nomuntu ofake ivesti elivikela izinhlamvu, ukuze ukwazi ukudubula ngendlela ofuna ngayo. Kuzongizwisa ubuhlungu, yebo, kodwa ngeke kungibulale.”
La mazwi akhe ayakucacisa ukuthi uzimisele ngokulwa nokuvikela abadlali bakhe nethimba elimlekelelayo kulo msebenzi wakhe.
