EzintshaKaizer Chiefs

Izinsolo ezimbi ‘zamanga’ aqanjwa nguNabi kwiChiefs

Ngu-Alfred Ngubane

Kuke kwavela ukuthi lo mqeqeshi ugaqelwe yiSimba SC yaseTanzania esanda kuhlukana noFadlu Davids.

Kodwa sekuvelile ukuthi lokho akulona iqiniso njengoba leli qembu belizfuna uMiguel Gamondi owake wacija iMamelodi Sundowns kuleli. 

Njengamanje ikusasa likaNasreddine Nabi kwiChiefs alicaci. ILisenethini ike yabika ngoMsombuluko ukuthi usebuye wajika esinqumweni sakhe sokushiya kuMakhosi. 

Kuthiwa manje usefuna ukuqedela inkontileka yakhe, noma ke leli qembu limxoshe bese limkhokhela isinxephezelo ngesikhathi ebesisasele kwinkontileka yakhe. 

Kuthiwa udaba lwakhe selusingethwe ngabammeli, kodwa kuze kube manje izingxoxo neChiefs bezingakaqali. 

Ukumiswa kwakhe kusolakala ukuthi kusukela ekutheni ubengenawo amaphepha amvumela ukuba ahlale ebhentshini emidlalweni yeCaf Confederation Cup. 

Nokho kwabuye kwavela ukuthi lamaphepha usewavuselelile futhi usengakwazi ukuhlala ebhentshini, kodwa ngathi lokho ukwenze sekwedlule isikhathi. 

ILisenethini seyiphinde yathola ukuthi lo mqeqeshi waphosisa ngesikhathi ethi unenkinga ekhaya eTunisia ekuqaleni kwesizini.

Isizini iqale lo mqeqeshi engekho njengoba ikilabhu yabika ukuthi umkakhe uvelelwe yingozi yemoto eTunisia, okwaphoqa lo mqeqeshi ukuthi aphuthume ekhaya.

Kubuye kwavela ingozi eyavela akuyona eyemoto, kodwa umkakhe washelela wawa ngesikhathi enza imisebenzi yasendlini.

Manje, ngokuthola ngemithombo esondelene nalo mqeqeshi, kuvela ukuthi kwalokho akulona iqiniso.

Kuthiwa wayefuna isikhathi sokuyozama ukulungisa izitifiketi zakhe zokuqeqesha ukuze akwazi ukuba sebhentshini emidlalweni yeCaf.

Ngokwale mithombo, yilokhu akumiselwe, hhayi ukuthi akanazi izitifiketi ezifanele. Uphenyo lwangaphakathi lusaqhubeka.

Nokho ngathi kunzima kwiChiefs ukuthola ubuqiniso balezi zinsolo zokuthi umkakhe akakaze alimale njengokubika kwakhe ngesikhathi ecela ukukhululwa isikhashana. 

Kuthiwa yikho lokhu okwamenza waqala wavuma ukuvele ashiye ngesihle, kodwa ngemuva kokucetshiswa abammeli, wakujika lokho.