Ezintsha

Isimanga umqeqeshi ephika eyokuxoshwa kwelePSL

Lo mqeqeshi owaziwa ngokuzikhulumela, udedelwe ngoLwesine olwedlule nowayengumqeqeshi weKaizer Chiefs uMolefi Ntseki.

UNtseki ubengumqondisi wezokuqeqesha kule kilabhu yaseFree State. Ukukhululwa kwabo kuza ngemuva kochungechunge lwemiphumela edumazayo.

Ngaphambi kokuthi agcine exoshiwe, uMalesela wafakwa ekhefini elikhethekile ngoDisemba waphinde walijoyina ngoJanuwari.

Futhi manje, ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokuxoshwa kwakhe kwiGallants, uMalesela uveze imicabango yakhe ngokuhamba kwakhe. 

“Angazi okuningi ngaleso sitatimende,” kusho yena ngesitatimende esikhishwe yiGallants imemezela ukuxoshwa kwakhe. 

“Eqinisweni nje, akukho okuningi engingakusho, ngikhathele nje. Angazi ngempela ukuthi ngithini,” kusho uMalesela kwiKickOff.com. 

“Kusobala ukuthi kunezinkinga ezithile, kodwa angikakutholi okusemthethweni okuvela eqenjini.

“Ngaziswa ngomomo nje ukuthi kungenzeka into enjalo, kodwa… akukho okunye engingaxoxa ngakho.

“Kusayilokho kwaziswa ngomlomo nje engikwaziyo,” kwengeza lo mqeqeshi obukeka eneshwa lokuxoshwa njalo.

“Angazi ukuthi ngizizwa kanjani, ngindikindiki. Ngakho, kulungile. Ngisalinde incwadi esemthethweni evela eqenjini. Angazi ngempela.” 

IGallants ihlezi endaweni ka-14 kwilogi yeBetway Premiership njengoba isanqobe imidlalo emine kuphela.

Idlale ngokulingana kane, yahlulwa kweyishumi kanti isimo sesibucayo njengoba sekusele imidlalo engu-12 kusongwe isizini.

Njengamanje leli qembu lingaphansi kwesandla sikaSundra Govender noDuncan Lechesa abebengamaphini kaMalesela. 

Laba babambe okwesikhashana ngesikhathi iqembu lisebenzela ukuphothula ukuqokwa komqeqeshi omusha.

IGallants iveze ukuthi izingxoxo seziyaqhubeka nomqeqeshi waseMorocco u-Abdeslam Ouaddou, osefikile eNingizimu Afrika ukuzophothula isivumelwano.