EzintshaOrlando Pirates

IPirates isolwa ‘ngokudayisa’ ngoSaleng

Ukungabikho kukaMonnapule Saleng emidlalweni yakamuva ye-Orlando Pirates sekuqubule imibuzo. 

Nokho iqembu lithule, lishiya abalandeli bekhungathekile ngesimo sakhe.

USaleng, ongumdlali obalulekile eqenjini likaJose Riveiro, ubonakale ezilolonga ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo.

Lokhu kunikeze abalandeli ithemba lokuthi usebuyile ngemuva kokungabonakali emasontweni ambalwa edlule.

Nokho ngesikhathi iPirates inqoba ngo 3-0 ihlula iStade d’Abidjan emdlalweni weCaf Champions League, uSaleng ubesezihlweleni.

Ubonakale ebukeka engenandaba, ehlezi egoqe izingalo engajabuli noma iPirates ishaya igoli. 

Lokhu kwehlukanise imibono yabalandeli. Abanye bamsola ngokuba nesimo sengqondo esibi futhi bathi akakhululwe.

Imibiko yakamuva iveza ukuthi u-Saleng ubhekene nezinkinga zakhe ngasese okuyizo ezenza angabi khona eqenjini. 

Owayeyiphini lomqeqeshi kwiPirates phambilini, uZipho Dlangalala, usole iqembu nabalandeli ngendlela okwenzeka ngayo kulesi simo sikaSaleng. 

Ugxeke ukungakhulumi kweqembu ngodaba lwakhe, wanxusa abalandeli ukuthi bakhombise ukuzwelana naye.

“Ingabe umqeqeshi wabo uyagxuma uma beshaya igoli?,” kubuza uDlangalala ngesikhathi ebuzwa ngoSaleng ukuthi akawajabuleli amagoli eqembu.

“Anginaso isiqiniseko sokuthi ubethukuthele yini, kodwa siyashesha ukugxeka, ikakhulukazi uma kungumuntu omnyama.

“Ngenkathi enconywa kakhulu ngo-2022, ngaxwayisa ngokuthi lokhu kuzombulala.

“Namuhla, nakhu. Usekhuhlwa ibhentshi. Okulandelayo kuzoba nguMaswanganyi, bese kuba nguMofokeng.

“Asinandaba nethalente futhi sihlezi silungele ukugxeka!,” kuqhuba uDlangalala.

UDlangalala uphinde wazwakalisa ukusola amakilabhu ngokuthi awabanakekeli abadlali ngendlela ephelele. 

“Kungenzeka ukuthi ubhekene nokuthile, njengoba usho, mhlawumbe okoyizinkinga zakhe ngasese.

“Kodwa amaqembu ethu awanandaba nomuntu. Uma nje udlala kuwo kuphelele. Wena njengomuntu, awuyona indaba yabo.

“Mhlawumbe yileso simo esenze ukuthi anangeni eqenjini eliqala imdlalo muva nje.

“Kodwa ubani onendaba nomuntu uqobo ngale komdlali?

“Leso esinye sezizathu esenza singakwazi sikwazi ukukhiqiza abadlali abasezingeni lomhlaba,” kwengeza uDlangalala.