EzintshaMamelodi Sundowns

Iphothule ingxenye yokuqala iSundowns kwiChampions League

Lokhu kungemuva kokuthi uPeter Shalulile eshaye igoli elibalulekile ngesikhathi iMamelodi Sundowns ishaya i-Esperance de Tunis ngo 1-0 emlenzeni wokuqala wama-quarter finals.

Lo mdlalo ubudlalelwa phambi kwezihlwele ebezigcwele inkundla eLoftus Stadium ePitoli ngoLwesibili ntambama.

IMamelodi Sundowns ibidinga ukunqoba lo mdlalo wasekhaya futhi ingavumi ukungenelwa yigoli ukuzibeka ethubeni lokuya emlenzeni wesibili ekuhambeni ihamba phambili. 

Umdlalo uqale ngezingaebelilindelekile, izivakashi zihlezi emuva kanti iMamelodi Sundowns ilawula umdlalo.

Futhi njengoba isiwombe sokuqala siphele zibambene kungenamagoli, i-Esperance kufanele ukuthi ibizitshela ukuthi ingakwazi ukuphuma nomphumela ovuna yona. 

Kodwa uPeter Shalulile ushaye igoli esiwombeni sesibili ukuqinisekisa ukuthi izivakashi zabo zibuyela ekhaya zincela izithupha.

Nokho umsebenzi osenziwe kuseyingxenye yokumele wenziwe njengoba aMasandawana kusafanele adlale umlenze wesibili ekuhambeni ezimweni ezinzima.

Phela amaqembu aseTunisia aziwa ngokusebenzisa wonke amaqhinga angcolile ukuze aphazamise isimo sengqondo sezivakashi zawo emiqhudelwaneni yezwekazi.