EzintshaOrlando Pirates

Elaphesheya ligaqele umgadli we-Orlando Pirates

Lezi   ziqhwaga zaseSoweto kungenzeka zilahlekelwe ngomunye wabagadli bazo oyisethenjwa okuvela ukuthi ufunwa yiqembu laphesheya kwezilwandle.

Manje lokhu sekuphoqe ukuthi i-Orlando Pirates isheshe emkhankasweni wayo wokuthola umgadli ozovala isikhala uma kwenzeka ehamba lo omunye. 

I-Orlando Pirates inoPhiri obezohlolwa kuleli qembu kanti sekuvele ukuthi ubahlabe umxhwele abaqeqeshi futhi kungenzeka athengwe eqenjini lakhe laseZambia iMuza FC. 

UPhiri angase alandwe ukuzovala isikhala sikaTshegofatso Mabasa okubikwa ukuthi usehehe amehlo eqenjini laphesheya kwezilwandle.

Umbiko we-SNL24.com uveza ukuthi uMabasa ulandelwa yiqembu le-English Championship futhi selike laxhumana namaBhakabhaka ngaye. 

Kuthiwa lo mgadli ubelokhu elandelwa yileli qembu elingadalulwanga kusukela ngesizini edlule futhi selichazekile ngelikubone kuye. 

“Bekunentshisekelo emaqenjini aphesheya kwezilwandle kodwa manje sekuyiqembu lase-England elifikile lazobuza ngaye. 

“Lokho kuanele kukutshele okuthile ngaye. Kusho ukuthi uqhuba kahle kakhulu. Kwesinye isikhathi la maqembu awagcini nje ngokubheka amagoli owashayile.

“Aphinde babheke amanye amagalelo umgadli anawo eqenjini,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Futhi yena uTshego ungumdlali weqembu, futhi lokho kungaba yisizathu sale ntshisekelo evela e-England.” 

Omunye umthombo uthe yize leli qembu lidlala kwiChampionship, lingelinye lame kahle futhi afuna ukulwela ukunyukela esigabeni esiphezulu. 

Uthe izinhlozi ebezimlandela zithe zichazeke kakhulu ngoMabasa futhi unakho konke lokhu abebekubheka kuye. 

Ngisho neminyaka yakhe – njengoba eneminyaka engu-28 ubudala – ayinankinga, bambona esesigabeni esikahle impela ukuthi engafike aphumelele kuleli qembu elimfunayo.