
ISekhukhune nesinqumo esibalulekile ‘ngezingwevu’ zayo
ISekhukhune United isiqinisekise ukuthi abadlali bayo abanamava abayi ndawo ngokubabophezela ngezinkontileka ezintsha njengoba iqala amalungiselelo ayo esizini ezayo.
Abadlali abahlanu asebekhulile baleli qembu belulelwe izinkontileka zabo kanti kubo kubalwa nomdlali wasemuva uTresor Tshibwabwa.
Lo mdlali odabuka eDR Congo kuke kwabikwa ukuthi usendleleni ebheke kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo.
UTshibwabwa uwabhebhethekisile lama hlebezi okuthi uya kwiiPirates ngesikhathi enqaba ukujabula ngemuva kokushaya igoli bebhekene nayo ngenyanga edlule.
Kodwa ukusayina inkontileka entsha kwiBabiba Noko kusho ukuthi ukuya kwakhe kwiPirates bekungamahlebezi nje.
“ISekhukhune United iyaziqhenya ngokumemezela ukwelulwa kwezinkontileka zalaba badlali abadala,” ikilabhu ibhale kanje esitatimendeni.
Abadlali abanikezwe izinkontileka ezintsha yilaba: uLinda Mntambo, uChibuike Ohizu, uDaniel Cardoso, uVusimuzi Ncube, noTresor Tshibwabwa.
“Ukuzibophezela kwabo nomoya wokulwa kuyaqhubeka nomndeni weBabina Noko!,” kwengeza isitatimende.
Iqembu kulindeleke ukuthi lenze ezinye izimemezelo mayelana nezinguquko esikwatini ngokuhamba kwesonto.
ISekhukhune izobe ifuna ukuqeda endaweni engcono ngesizini ezayo, njengoba ithole indawo yesine kule sizini.
Umqeqeshi wayo omusha, u-Eric Tinkler kulindeleke ukuthi enze izinguquko futhi alethe umfutho omusha eqenjini.
