EzintshaMamelodi Sundowns

Osemncane weSundowns ukhonjwa kwelaseFrance

Umdlali osemncane weMamelodi Sundowns uThato Sibiya angase athathe igxathu elikhulu emsebenzini wakhe webhola maduze.

Lokhu kunjengoba kuvela ukuthi uselungele ukujoyina iqembu elidlala esigabeni esiphezulu eFrance iLOSC Lille.

Ngokombiko weSoccerBeat, lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala uzoshiya iSundowns aye kwiLigue 1, okuyisigaba esiphezulu sebhola laseFrance.

USibiya kulindeleke ukuthi ajoyine iLille ngokubolekiswa okwamanje, kodwa kube nombandela wokumthenga ngokugcwele.

Lokhu kungaba yithuba elibaluleke kakhulu kuSibiya lokukhombisa ikhono lakhe e-Europe.

Ukujoyina iLille kungamnikeza ithuba lokudlala ezingeni eliphezulu futhi athole ulwazi olusha oluzomthuthukisa kakhulu.

KwiMamelodi Sundowns lo mdlali wasemuva oyinxele ubengakalitholi kahle ithuba lokudlala yize lena sekuyisizini yakhe yesibili eseqenjini elikhulu.

Kodwa ukuhamba kukaSibiya kungamvulela indlela yokuzithuthukisa, ancintisane nabanye abadlali abanekhono futhi azakhele igama ebholeni lase-Europe.

Abalandeli bazobe belindele ngabomvu ukubona ukuthi lolu hambo luzomfikisa kuphi.