AmaZuluEzintsha

AmaZulu acabanga ukushintsha umoya – ayashiya eThekwini?

Ngesikhathi somgubho weminyaka engu-93 zasungulwa, lezi zikhondlakhondla ezizinze eThekwini zicubungula ukushintsha umoya.

Kuvela ukuthi kunombono wokuthuthela eminye yemidlalo yabo yasekhaya eMgungundlovu. 

IMoses Mabhida Stadium nePrincess Magogo Stadium njengamanje yizona izinkundla zasekhaya zaMaZulu.

Kodwa umengameli weqembu uSandile Zungu uqinisekise izingxoxo eziqhubekayo nomasipala waseMsunduzi zokuthi badlale eminye yemidlalo yabo eHarry Gwala Stadium.

UZungu udalule ukuthi yize AmaZulu esenesikhathi eside esebenzisana nedolobha laseThekwini kodwa leli qembu liphoxekile ngokungaxhaswa ngemali yiziphathimandla.

“Ubudlelwano bethu neTheku buhle, siyahloniphana,” kusho uZungu emsakazweni Ukhozi FM.

“Kodwa asikutholi ukwesekwa ngokwemali esikufanele, ngisho nomsebenzi womphakathi esiwenzayo.” 

Uphinde waphawula ukuthi iDurban Tourism, eyake yaba ngabaxhasi, ayisabambisene neqembu — kanti amaqembu avakashile kubikwa ukuthi athola imihlomulo ngokuletha eThekwini.

UZungu uthi ukufudukela eMgungundlovu ngeke kube yisinyathelo sonomphela, kodwa AmaZulu azodlala imidlalo emibili noma emithathu ngesizini eHarry Gwala Stadium.

“Sikhulume nabantu bakhona. Banenkundla enhle okungafanele ingasebenzi, futhi sinabalandeli kuleso sifunda,” kuqhuba yena.

Njengamanje, iMidlands Wanderers, edlala kwiMotsepe Foundation Championship, yiyona esebenzisa iHarry Gwala Stadium njengenkundla yayo yasekhaya.

Uma izingxoxo ziphumelela, Usuthu lungase lubuyisele ibhola elisezingeni eliphezulu eMgungundlovu — futhi luvukuze abalandeli kulesi sifunda esilithandayo ibhola.