EzintshaOrlando Pirates

IPirates nezindaba ezibalulekile ngoPaseka Mako

UPaseka Mako usebuyile eqenjini le-Orlando Pirates ngemuva kwezinyanga ezicishe zibe ngu-11 engadlali. 

Lo mdlali wasemuva kwesokunxele oneminyaka engu-30 ubudala ubengumdlali obalulekile kumqeqeshi uJosé Riveiro ngaphambi kokulimala kwakhe. 

Manje useluleme ngokugcwele ekulimaleni kabi edolweni okumenze wangadlali isikhathi esiningi ngesizini edlule.

UMako walimala ngasekupheleni kuka-2022, okwamphoqa ukuthi aphuthelwe ingxenye ebalulekile yomkhankaso wePirates. 

Yize ebengekho, leli qembu liqhubekile nokuthuthuka futhi liqede isizini nezindebe ezimbili.

Kodwa manje, ngokubuya kukaMako, igalelo lakhe lingase likhulise amathemba ayo okulwela isicoco seBetway Premiership kule sizini. 

IPirates kulindeleke ukuthi iphonsele inselelo ompetha abavikela lesi sicoco iMamelodi Sundowns.

Ukubuya kukaMako kwengeza amava eqenjini likaRiveiro, ophoqeleke ukujika uDeon Hotto adlale emuva kwesokunxele ngesikhathi uMako engekho. 

Kwividiyo eshicilelwe yithimba labezindaba lePirates ngoLwesibili, uMako uzwakalise ukujabula ngokubuyela eqenjini. 

“Ngijabule kakhulu ngokubuyela enkundleni,” kusho yena. UMako uvumile ukuthi uhambo lwakhe lokululama belungelula.

Kodwa ukuhlala ezimisele ukubuya ngamandla futhi engcono kunangaphambilini bekumfaka umfutho. 

“Uhambo belungelula, kodwa ngimagange ukujoyina iqembu futhi ngibambe iqhaza empumelelweni yeqembu,” kwengeza yena.

Manje njengoba esebuyile esikwatini, uMako uzimisele ngokuphinda anikeze konke okusemandleni ukusiza iPirates ukunqoba izindebe kule sizini. 

“Sekuyisikhathi sokuziphusha. Sengikulungele ukuwakhipha wonke amangwevu ami. 

“Ngibonga wonke umuntu obengikhuthaza futhi wangeseka ngesikhathi ngilulama,” kuqhuba uMako.

Ukubuya kukaMako kuza ngesikhathi esihle njengoba iPirates ihlose ukuhliwtha isicoco kwiSundowns. 

Ulwazi namandla akhe enkundleni kuzoba yinto ebalulekile eqenjini likaRiveiro ngokuhamba kwesizini.