EzintshaOrlando Pirates

IPirates nesimemezelo esibalulekile ngoZakhele Lepasa

Leli qembu lithumele umlayezo ezinkundleni zokuxhumana libonga uZakhele Lepasa, futhi lincoma “ukuzinikela negalelo lakhe” kumaBhakabhaka.

Libe selimfisela okuhle lapho ezoqhubekela khona nomsebenzi wakhe webhola. 

Uhambo lukaZakhele Lepasa kwi-Orlando Pirates lube yingxube yezikhathi ezinhle ezigcwele injabulo, nezimbi. 

Ujoyine lezi ziqhwaga zaseSoweto esuka kwi-TS Galaxy ngo-2019, wafika wakhombisa ukuba nekhono elihle. 

Izinsuku zakhe zakuqala zazibonisa ukuthi angase abe ngumgadli nomkhulu ebholeni lakuleli njengoba ebeyibhakuzisa ephindelela inethi. 

Kodwa-ke, ubuye waphazamisela kakhulu ngenxa yokulimala, obekuvame ukumbeka eceleni ngezikhathi ezibalulekile futhi kuphazamise umgqigqo wakhe.

Naphezu kwalezi zingqinamba, uZakhele Lepasa ubevame ukuthola izindlela zokufaka isandla, kungaba ngamagoli abalulekile noma umzamo ongaphezi uma esenkundleni. 

Uke waba semgqigqweni omuhle futhi waze waqokelwa kwiBafana Bafana kodwa wabuye waphazamiseka ngenxa yokulimala. 

Uke wabolekiswa nakwiSuperSport United ukuze ayolanda ifomu, futhi wafike wakwenza lokho, wabonisa ikhono lakhe lokushaya amagoli. 

Nokho ekubuyeni kwakhe ukuthole kunzima ukubuyela eqenjini njengoba ebebanga ijezi noTshegofatso Mabasa no-Evidence Makgopa.

Ukushiywa kwakhe ngemuva ngesikhathi iqembu liya ekhempini eSpain kube ngezinye zezimawu zokuthi kungenzeka isikhathi sakhe kuleli qembu sesiphelile. 

Ekugcineni umbango wezindawo kwi-Orlando Pirates, uhambisana nomlando wakhe ongemuhle wokulimala njalo, usuholele kulesi sinqumo sikudedelwa kwakhe. 

Njengoba uLepasa manje eqala isahluko esilandelayo, abalandeli bazobe bemagange ukubona ukuthi lo mgadli uzophelela kuphi.

Khonamanjalo uZakhele Lepasa uqokiwe eqenjini laseNingizimu Afrika elizodlala kwiCaf Africa Nations Championship (Chan) ngenyanga ezayo. 

Kulindeleke ukuthi asebenzise lo mqhudelwano ukukhombisa ikhono lakhe emaqenjini okungenzeka ayafisa ukumsayina.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO