EzintshaOrlando Pirates

IPirates ‘ize nenye’ iqoka umqeqeshi – ungubani lo Ouaddou?

Phela le ndoda eqokwayo izongena ezicathulweni ezinkulu ezishiywe uJose Riveiro ojike izinto kwiPirates, futhi wayinqobisa izindebe ezinhlanu kumasizini amathathu.

Ngaphezu kwalokho, uphinde waguqula leli qembu laba ngelinye lasatshwayo futhi elikhululekayo uma liphethe ibhola.

Ulenze ladlala ngendlela abalandeli be-Orlando Pirates abakujabulelayo ukulibuka.

Lokhu kubuyise abalandeli e-Orlando Stadium futhi nanoma yikuphi lapho beyidlala khona, beyisiba nabalandeli abaningi. 

Idlanzana labadlali abasebancane lidlondlobale kakhulu ngaphansi kukaRiveiro, abanye baze baba ngabadlali beqembu lesizwe.

NgoMsombuluko, i-Orlando Pirates imemezele u-Abdeslam Ouaddou njengomqeqeshi wayo omusha.

U-Ouaddou uthatha izintambo ngaphambi kwesizini entsha, engena ezicathulweni zikaRiveiro oshiyile kuleli qembu wajoyina i-Al Ahly. 

Ukuqokwa kuka-Ouaddou cishe bekungalindelwe muntu. Abaningi bamangalile, futhi, njengenjwayelo, imibuzo mayelana nokufaneleka kwakhe isivele iqalile.

Abanye baveza ukungabaza, kanti abanye bakholwa ukuthi usihlalo wePirates u-Irvin Khoza uphinde washaya ubuchule njengoba enza ngoRiveiro naye obengaziwa ngesikhathi efika. 

U-Ouddou uzalelwe e-Alnif, eMorocco. Uneminyaka engu-46 ubudala kanti ngokweqembu uletha ingcebo yesipiliyoni njengomdlali nomqeqeshi.

Udlale eqenjini lesizwe laseMorroco, i-Atlas Lions amahlandla angu-68 futhi wadlala kumaligi amaningi aphezulu ase-Europe.

Lo mqeqeshi waseMorrocan unezicucu zokuqeqesha i-Uefa Pro License futhi useke wawina indebe yeCongolese League ne-AS Vita ngo-2024.  

“Ukuqonda kwakhe okujulile umdlalo, okuhambisana nobuholi obuqotho, kumbeka njengomuntu ofanele ukuhola amaBhakabhaka enkathini entsha.

“Umqeqeshi u-Ouaddou kulindeleke ukuthi afike eNingizimu Afrika ngasekupheleni kwesonto.

“Uzosizwa nguMandla Ncikazi, uRayaan Jacobs, uHelmi Gueldich noTyron Damons,” kusho iqembu esitatimendeni.

Selilonke ithimba elizocija i-Orlando Pirates ngesizini ezayo lime kanje:

  • Umqeqeshi oyinhloko: Abdeslam Ouaddou
  • Iphini: Mandla Ncikazi
  • Ohlaziya ukudlala kweqembu: Rayaan Jacobs
  • Obhekelele isimo somzimba sabadlali: Helmi Gueldich
  • Umqeqeshi wonozinti: Tyron Damons

Njengengxenye yamalungiselelo omkhankaso ozayo, i-Orlando Pirates izophindela eMarbella, eSpain okwesithathu kulandelana. 

Le khempu yokuzicijela isizini – ezoqala ngoJulayi 8 kuya kuJulayi 20 –  izofaka nemidlalo yokuzizwa amandla la iqembu lizobhekana namaqembu ahlukene ase-Europe. 

Imidlalo esiqinisekisiwe yilena: oweBolton Wanderers yase-England, owePafos FC yaseCyprus, oweLas Palmas yaseSpain, neGranada yaseSpain.

Njengomqeqeshi, u-Ouaddou useke wasebenza:
  • EFrance njengomqeqeshi weqembu lenkulisa kwiNancy FC (2012-2019)
  • EFrance ngengephini lomqeqeshi eqenjini elikhulu kwiNancy FC (2015-2019)
  • E-Algeria njengephini lomqeqeshi weqembu lesizwe (2020)
  • EMorocco engumqeqeshi kwiMC Oudja (2021-2022) 
  • EBenin engumqeqeshi keiLoto FC (2021-2023)
  • E-DR Congo engumqeqeshi kwi-AS Vita Club, lapho anqoba khona iCongolese League Cup (2024)
  • ENingizimu Afrika engumqeqeshi kwiMarumo Gallants), lapho eyisindise ezembeni (2025)