EzintshaKaizer Chiefs

Unozinti weKaizer Chiefs uyoqiniswa ukhakhayi kweleNFD

Lo nozinti osemncane okubhekwe lukhulu kuye usebolekiswe kwiLeicesterford City FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship.

Lesi sivumelwano sokubolekiswa kwakhe ngesezinyanga ezimbalwa kuze kube kuphela isizini ka-2025/26. ILeicesterford City izinze eLimpopo.

Abaholi baMakhosi bafuna ithalente labo elisafufusa lithole isikhathi esibalulekile sokudlala ukuze kuqine ukhakhayi.

Leli su liqinisekisa ukuthi bathola ulwazi oludingekayo ukuze babuye sebekulungele ukudlala eqenjini elikhulu.

UMolefe ungomunye wabadlali abaningi abaphuma enkulisa yeKaizer Chiefs esebenzela ekomkhulu laleli qembu eNaturena.

Iqembu likholwa ukuthi lesi sinyathelo sokubolekisa ngalaba badlali sizocija amakhono abo.

Abaphathi balindele ukuthi asize iLeicesterford ilwele ukukhushulelwa kwiBetway Premiership.

“Simfisela impumelelo kulesi sahluko esisha esijabulisayo asiqalayo,” kusho iChiefs esitatimendeni.

UMolefe manje usethole ithuba lokukhombisa ikhono lakhe esigabeni sokuqala sikazwelonke.

Ungumdlali ka-10 weKaizer Chiefs okubolekiswe ngaye kule sizini. Abanye yilaba: 

1. Samkelo Zwane (CM)  Siwele FC

2. Happy Mashiane (LB/LW)  Siwele FC

3. Manqoba Ozoemena (CM) Casric Stars

4. Ofentse Kgosana (LW/LWB) Casric Stars

5. Nkosana Mbuthu (LW) Leicesterford City

6. Sima Bobo (CB) Mochudi Centre Chiefs

7. Xolani Cossa (LCB) Black Lions 

8. Siyabonga Gumede (CB) Gomora United

9. Sfiso Timba (RB) Gomora United.

10. Bontle Molefe (GK)  Leicesterford City FC

Bonke abangu-10 kulindeleke ukuthi babuyele eNaturena ekupheleni kwesizini lapho bezohlolwa khona futhi bagcinwe eqenjini noma baphinde babolekiswe.