
Ingwazi ibeka ‘iqiniso elibabayo’ ngokusayina kweChiefs
Inkakha yebhola lakuleli, uBennedict “Tso” Vilakazi, seyikhwele yadilika kwiKaizer Chiefs, igxeka indlela esayina ngayo abadlali.
Kwividiyo esezinkundleni zokuxhumana, uVilakazi uphendula omunye umlandeli obebhale eqhathanisa ukusayina kweMamelodi Sundowns, Orlando Pirates neChiefs.
Ubhale wathi: “ISundowns nePirates basayina abadlali abayikhwalithi, iChiefs yona isayina abadlali abatholakalayo… Yilowo umehluko phakathi kwalamaqembu amathathu.”
UVilakazi ube esevumelana nalo mlandeli, ethi iKaier Chiefs kumele ishintshe ukwenza ukuze ibuyele ezingeni eliyifanele.
“Iqiniso liyababa. Kunjalo nje, liyababa uma libekwa liqonde. Iqiniso liyashaya, likuthinta kabuhlungu ngaphakathi,” kusho uVilakazi.
“Uma ubheka iSundowns isayina abadlali, ubheke iqembu elikhulu i-Orlando Pirates isayina abadlali.
“Lalela kahle engikushoyo… Basayina abadlali, abalindi ukuthi baze batholakale mahhala ukuze babasayine.
“Akunjalo. Bayahamba bayongqongqoza bathi, ‘sifuna lona nalona’. Bese thola umdlali abamfunayo.”
Uthe neKaizer Chiefs kufanele ilandele le ndlela yokuthola abadlali ukuze isayine abanohlonze nabazokhuphula izinga leqembu.
“Angazi ukuthi basebenza kanjani kwiKaizer Chiefs. KwiPirates bayahamba bayongqongqoza, bahlale phansi baphuze itiye namakhekhe.
“Babeke amaphepha, asayinwe bese bethatha umdlali bahambe naye. Amakhosi nawo kumele ngabe enza kanjalo.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
“Kodwa bona bafuna umdlali kube nguye oya eNaturena ngoba vele utholakala mahhala.
“Abafuni ukuhamba bayongqongqoza bacele ukudayiselwa umdlali. Lokho kumele kushintshe.
“Phela iChiefs yiqembu elikhulu. Ngeke kukwazi ukuthi njalo ihlezi isayina abadlali abatholakala mahhala.”
FUNDA NALA | Okwenze uMngqithi engagiyi egingqa iDowns
Amakhosi asayine abadlali abangu-11 futhi iningi labo bebephelelwe yizinkontileka, bengenawo amaqembu abadlala kuwo.
