
Imenenja ichaza okwaphazamisa uMailula phesheya
Imenenja ka-Cassius Mailula, uKarabo Mathang-Tshabuse, isiveze izizathu ezahlukene ezenza lo mgadli ahluleke ukugqama kwiToronto FC.
UMailula, oneminyaka engu-25 ubudala, ubuyele kwiMamelodi Sundowns ekuqaleni kwale sizini ngemuva kokuhlukana neToronto FC.
Lo mgadli wajoyina leli qembu le-US Major League Soccer ngo-2023 kodwa wahluleka ukuthola isikhathi esanele sokudlala.
Wabe esebolekiswa kwiWydad AC eMorocco nakwiKortrijk yaseBelgium.
Selokhu ebuyele eSundowns, uMailula useqale kahle.
Useshaye amagoli amathathu emidlalweni emine kuyo yonke imiqhudelwano.
Ekhuluma kwiSport Night Amplified kuleli sonto, uMathang-Tshabuse uthe ziningi izizathu ezadala ukuthi izinto zingamhambeli kahle eToronto.
“Uma ngikhuluma iqiniso, angicabangi ukuthi kunempendulo eyodwa ezoxazulula lolo daba.
“Kuningi okubandakanyekayo futhi kuyaxaka nje,” kusho le ntokazi.
Uthe izinhloli zeToronto yizo ezazifuna u-Cassius Mailula, kodwa izinto azizange zifane ngasohlangothini lwabaqeqeshi.
“Umnyango wokuqasha abadlali kwiToronto wawumfuna,” kuqhuba yena.
“Kodwa lokho akuzange kudlulele emnyangweni wabaqeqeshi.”
Le menenja iphinde yathi indlela uMailula adlala ngayo ayizange ihambisane ngokuphelele nezidingo zeToronto.
“Mfushane futhi unomzimba. Udlala ngendlela ehlukile,” kuchaza le ntokazi.
“Ungumdlali ozomthola ebhokisini elinde ukushaya ibhola elisuka komunye umdlali.”
Uvumile nokuthi kungenzeka ukuthi bona njengabamele u-Cassius Mailula bashesha kakhulu ngokumthumela kwiToronto.
“Mhlawumbe sashesha kakhulu ukusayina ngoba ithimba labaqeqeshi lathi ungumdlali wethu ohamba phambili…
“Sasayina ngaphandle kokuhlela izinto ngendlela yokuthi angabolekiswa bese ebuya ekhaya.”
UMathang-Tshabuse uthi abazisoli ngokuthumela uMailula phesheya, kodwa bathole izifundo ezibalulekile.
“Asizisoli ngaleso sinqumo ngenxa yalokho esikuzuzile,” kucacisa yena.
“Kodwa kusobala ukuthi kwesinye isikhathi ngiyafisa sengathi ngabe senze ezinye izinto ngendlela ehlukile.”
Uphinde wakhuluma kahle ngesikhathi u-Cassius Mailula ekwiWydad, lapho ayedlala khona noThembinkosi Lorch ngaphansi kukaRulani Mokwena.
“Ube nesikhathi esihle kakhulu kwiWydad enoThembinkosi Lorch.”
- FUNDA NALA | Ilukuluku kwabeBucs beboba uPedersen ‘endiza’
Le menenja iphethe ngokuthi nakuba bengazisoli ngohambo lweToronto, zikhona izifundo abazifundile.
“Yize kungekho ukuzisola, kuhlale kunezifundo esizifundayo.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
