Ezintsha

Imataniswa noweChiefs noweBucs iWydad egxale uMokwena

Obengene esikhundleni sika-Rulani Mokwena kwi-Wydad Athletic Club usenqume ukuhoxa ekuholeni leli qembu ngemuva kokuphela kwesizini.

U-Amine Benhachem uzobuyela esikhundleni sakhe sokuba ngumqondisi wezemidlalo kuleli qembu ngemuva kokulinqobisa imidlalo emithathu kulandelana.

Uthathe izintambo zokuqeqesha leli qembu ngemuva kokuthi u-Rulani Mokwena enikezwe ikhefu elikhethekile kuze kube kuphela isizini. 

URulani Mokwena kulindeleke ukuthi ashiye kwi-Wydad Athletic Club ngoJuni ngemuva kokuthi kufinyelelwe esivumelwaneni phakathi kwakhe nabaphathi beqembu. 

UBenhachem, oneminyaka engu-49 ubudala, uhole iqembu emidlalweni emithathu futhi wakwazi ukulitholela indawo yesithathu kwilogi yeBotola Pro I. 

Lokhu kuqinisekise ukuthi iqembu lizongena kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.

Manje iWydad isithungatha umqeqeshi omusha ozohola leli qembu kwiFifa Club World Cup ngoJuni. 

Amahlebezi alimatanisa noJose Riveiro, oshiya i-Orlando Pirates kuleli sonto.

Kodwa kukholakala ukuthi uRiveiro usevumile ukujoyina iziqhwaga zaseGibhithe i-Al Ahly lapho ezoqala khona ngesonto elizayo.

I-Wydad iphinde imataniswe nomqeqeshi wamanje weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, okunamahlebezi okuthi uzoxoshwa eNaturena.

UBenhachem useveze ukuthi uzobuyela esikhundleni sakhe njengomqondisi wezemidlalo kanti iWydad isaqhubeka nokuthungatha umqeqeshi omusha.

“Siyabonga kuNkulunkulu, senze kahle emidlalweni emithathu edlule,” kusho lo mqeqeshi waseMorocco ngokwe-365Scores.

“Futhi umoya wokulwa wabadlali yiwo ositholele le miphumela emihle ebuyisele iqembu ezingeni lalo elijwayelekile. 

“Isikhathi sami sokuba ngumqeqeshi wesikhashana siyaphela namuhla, futhi kusukela kusasa, ngizobuyela emisebenzini yami njengomqondisi wezemidlalo.

“Sizoqala ngokushesha amalungiselelo esigaba esilandelayo, mayelana nokuhelwa kabusha kweqembu namalungiselelo emazingeni ahlukene.”

I-Wydad isizogxila kwiFifa Club World Cup lapho izobe imele khona i-Afrika ihambisana neMamelodi Sundowns, i-Al Ahly, ne-Esperance.

Iseqoqweni elilodwa neManchester City yase-England, iJuventus FC yase-Italy neqembu lase-Asia i-Al Ain FC.

Umdlalo wayo wokuqala izobhekana neMan City, okuyisiqalo esinzima ngempela kulo mqhudelwano.