DStv Premiership

IDowns ‘iwise ugesi’ kusajuxuzwa eNaturena

Ukunqoba kweMamelodi Sundowns ngoLwesibili kukhiphe ushukela etiyeni komakhelwane baseGauteng, iKaizer Chiefs.

Kusukela iChiefs ishaye iMarumo Gallants ngo 2-1 ngempelasonto, abalandeli bayo bebehambela phezulu.

Bebechoma besho nokuthi le sizini kuzoba ngeyabo, iChiefs izozichobozela amaqanda nje yonke indawo lapho ihamba khona. 

Kodwa ngoLwesibili ebusuku iSundowns ivele yacima ugesi ishaya iSuperSport United ngo 2-0 emdlalweni wayo wokuqala weBetway Premiership.

Lokhu kunqoba kwayo kuvele kwakhombisa ukuthi iqembu elizimisele ukuyiphazamisa esicocweni seligi kuzomele liqine kakhulu.

Akukhona nje ukuthi inqobile, kodwa nendlela edlale ngayo – ikakhulukazi esiwombeni sesibili – yenze kwacaca ukuthi ayilehlisile izinga. 

Ukuphuma kwayo ekuseni kwiMTN8 bekwenze kwangathi izinto azihlangani kahle kwiSundowns ngaphansi kukaManqoba Mngqithi.

Futhi nangawo uLwesibili, esiwombeni sokuqala bekungathi isiyiqembu elinganqandeka.

Kodw akuthe kuyiwa ekhefini, uMngqithi waphuma kuqala kucacile ukuthi akeneme.

Ufike wabathela ngezibonkolo ke egunjini lokushintshela njengoba bebuye bengasezwa mshini.

Wenze uguquko wafaka uThemba Zwane, uTahsreeq Mathews, no-Aubrey Modiba ezindaweni zoMarcelo Allende, Peter Shalulile noLebohang Maboe. 

Akuphelanga sikhathi bengenile, uRayners walivalela enethini ibhola abeliphakelwe uZwane oshaye isithende sikanokusho. 

Igoli lesibili lishaywe uLucas Ribeiro kusaphele imizuzu emibili kungene elokuqala, kwacaca ukuthi isiqalile iyagzilaza futhi iSundowns. 

Lo mphumela ugxumise iSundows yayosusa iChiefs esicongweni seligi, kwahlala yona. 

Nokho usuku oselubhekwe kakhulu uSepthemba 28 la lezi zimbangi zizokhiphana khona inkani eFNB Stadium emdlalweni weligi.