DStv Premiership

UZwane ucacisa eyesikhundla sakhe esisha kwiChiefs

U-Arthur Zwane usephawule ngomsebenzi wakhe omusha njengomphathi wezinkulisa kwiKaizer Chiefs. 

Ngemuva kokwehliswa esikhundleni sokuba ngumqeqeshi oyinhloko ekupheleni kwesizini ka-2022/23, uZwane unikwe umsebenzi omusha.

IChiefs ithwale kanzima ngaphansi kobuholi bakhe, ihluleka wukuthola isiliva kusukela ngo-2016. 

Phezu kwalokhu, umqondisi weqembu, uKaizer Motaung Jr., usanda kucacisa ngeqhaza likaZwane ezinkulisa zamakhono. 

UZwane nguye usebheke zonke izigaba zezinkulisa, eqinisekisa ukuthi ifilosofi yekilabhu iyalandelwa. 

UZwane ukhulume ngesikhundla sakhe esisha ngesikhathi iChiefs ibhekene nezingwazi zaseKZN kuPrince Mangosuthu Buthelezi Legacy Cup. 

Uzwakalise ukulibonga ithuba lokuqhubeka nokuba yingxenye yeqembu futhi uzimisele ngokunikela ngakho konke okusemandleni akhe kunoma imuohi umsebenzi anikwa wona.

“Kimina, ukunikwa umsebenzi yiqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs kuyinto enkulu kakhulu,” kusho uZwane. 

“Akunandaba ukuthi ukusiphi isikhundla. Iqiniso wukuthi ukuba yingxenye yeKaizer Chiefs kusho ukuthi ulindeleke ukuthi wenze konke okusemandleni akho.”

Ugcizelele ukuthanda kwakhe ibhola, wathi, “Ngingumuntu webhola, lisegazini. 

“Kungakhathaliseki ukuthi ngiseqenjini lokuqala noma ngisenkulisa, ngiyakuthanda engikwenzayo.”