EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs iveza okusha ngokulimala kukaCastillo

U-Edson Castillo, weKaizer Chiefs, ulimale kanzima ngesikhathi edlaliswa kabi umdlali weSuperSport United emdlalweni weBetway Premiership ngempelasonto. 

Ngokwesitatimende esikhishwe yiChiefs, uCastillo uchachanjelwe yithambo lomlenze futhi uzohlala izinyangana engadlali ngenxa yalokhu kulimala. 

“Kuyindumalo kithi ukumemezela ukuthi u-Edson Castillo uzohlala izinyanga ezine kuya kwezinhlanu engadlali,” kusho iChiefs. 

“Lokhu kulandela ukuchachamba kwethambo lomlenze okwenzeke emdlalweni ebesibhekene kuwo neSuperSport United ngoMgqibelo ebusuku ePolokwane. 

“Lokhu kulimala kanzima kwenzeke esiwombeni sokuqala kulandela ukudlaliswa kwakhe kabi esebhokisini lembangi.” 

Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, iChiefs ikhalele iphenathi kodwa unompempe wayishaya indiva leyo. 

Ukulimala kukaCastillo kuzoziphazamisa izinhlelo zomqeqeshi uNasreddine Nabi obeseqalile ukuthembela kulo mdlali waseVenezuela esiswini. 

UCastillo ubeqale lo mdlalo ngaphambi kukaYusuf Maart ongukaputeni weqembu kanti uNabi ubethe inhloso bekuwukumphumuza. 

Uthe esinye sezizathi zokuqala uCastillo wukuthi ubedlale kahle emidlaweni edlule futhi bebengafuni ukuphazamisa umgqiqgo wakhe.