EzintshaKaizer Chiefs

UNabi ucacisa eyokukhuhlisa uMaart ibhentshi muva nje

Ukubekwa ebhentshini kukaYusuf Maart emdlalweni weKaizer Chiefs ngoMgqibelo ngenye yezinto ezithathe amehlo. 

UMaart akawuqalanga lo mdlalo weBetway Premiership la iChiefs eshaywe khona yiSuperSport United ngo 1-0 ePeter Mokaba Stadium. 

Nokho usheshe wangena njengoba u-Edson Castillo, obekunguye oqale umdlalo, ulimalile ngomzuzu ka-23 umdlalo uqalile. 

Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi uthe ubephunyuzwa uMaart uma ebuzwa ngalo mdlali ngemuva komdlalo. 

“Sikholwa wukuthi uYusuf Maart usedlale kakhulu kusukela kuqale isizini emidlalweni yeligi neyezindebe,” kusho uNabi. 

“Besibone namuhla kuwusuku olukahle ukuthi sike simnike ikhefu bese sinika uCastillo ithuba lokuqala umdlalo. 

“Sibhekene neSundowns wangena wadlala kahle kule mizuzu engu-20 ayidlala, waphinde wadlala kahle sibhekene neSuperSport (emdlalweni weCarling Knockout). 

“Besifuna ukuqhubeka neqembu elenze kahle,” kuchaza lo mqeqeshi osenqobe imidlalo emithathu, wahlulwa kwemibili selokhu efikile eNaturena. 

Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, uNabi ubengakabi nalo ulwazi lokuthi uCastillo ulimele kangakanani nokuthi uzothatha isikhathi esingakanani ukwelulama. 

Kodwa njengoba enomdlalo othanda ukuwumqansana neMagesi FC ngoLwesithathu, cishe uzoqala ngoMaart.