IzindebeKaizer Chiefs

UNeo Maema ubalula indlela iChiefs eyazama ngayo ukumthola

Udaba ngu-Alfred Ngubane

Lo mdlali wasesiswini onekhono elihle bekwaziwa ukuthi akasenandawo kwiMamelodi Sundowns, futhi ufuna inselelo entsha ngaphambi kokuqala kwale sizini.

Nokho ugcine ejoyine iSimba SC yaseTanzania la ebolekiswe khona njengoba kukholakala ukuthi iSundowns ibingazimisele ngokumdedelela izimbangi zayo kuleli. 

Ekhuluma neLisenethini eseTanzania, uNeo Maema udalule indlela imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung azame ngayo ukumyengela eNaturena. 

“UBobby Motaung waya ekhaya wafike wakhuluma nabazali bami,” kuchaza uMaema, ekhuluma okokuqala ngalolu daba.

“Nami bengilufuna ushintsho lwendawo nenselelo entsha, ekilabhini entsha njengoba bengingasitholi isikhathi somdlalo kwiMamelodi Sundowns. 

“Kodwa imenenja yami yangitshela ukuthi iMamelodi Sundowns yenqaba ukungivumela ukuthi ngijoyine iKaizer Chiefs kodwa izongibolekisa kwiSimba yaseTanzania,” kwengeza uMaema.

UNeo Maema waqala ukuzakhela igama kwiBloemfontein Celtic ngaphambi kokujoyina iMamelodi Sundowns eminyakeni emihlanu edlule.

Waba ngomunye wabadlali abenza kahle ngaphansi komqeqeshi wangaleso sikhathi uPitso Mosimane, osalishiya leli qembu elizinze eChloorkop. 

Nokho uMaema ugcine esekhuhla ibhentshi kwiSundowns ngemuva kokuhamba kukaMosimane.

Ugcine elahlekelwe yindawo yakhe naseqenjini lesizwe iBafana Bafana ngenxa yakho ukuthi ubengasadlali njalo kwiSundowns.

Njengamanje udlala kwiiSimba SC, okuyiqembu beliqeqeshwa nguFadlu Davids, oselishiyile waya kwiiRaja Casablanca yaseMorocco.

Njengamanje uMaema ulwela ukuthola indawo eqenjini eliqala imidlalo kwiSimba, kanti isifiso sokudlala kwiCaf Champions League yiso esimfaka umfutho.