
I-Spurs ibopha iChiefs noSuthu ‘ngokweba’ abadlali bayo
Kuleli sonto, iCape Town Spurs izovela ekomitini elixazulula izingxabano lePSL la ifake khona icala iKaizer Chiefs naMaZulu FC ‘ngokuntshontshwa’ kwabadlali bayo.
Leli qembu lisola iChiefs naMaZulu ngokuthatha abadlali bayo abathathu ngaphandle kwesinxephezelo — ifuna babuyiselwe e-Ikamva.
ICape Town Spurs ithi ukaputeni wayo u-Asanele Velebayi nomdlali wasesiswini uLuke Baartman, asebekwiChiefs, noLiam Bern, ojoyine AmaZulu, basenezinkontileka nayo.
Laba abathathu bashiye ngemuva kokuthi iSpurs yehliselwe esigabeni seSafa i-ABC Motsepe League.
Ngenza yalokhu, ngokwemithetho yePSL akusekho okuhlanganisa laba badlali naleli qembu ngoba alisekho ezigabeni ezikhokhelayo.
Kepha iCape Town Spurs imile kwelokuthi laba badlali basayine izinontileka ezibabophezelayo futhi basasalelwe wunyaka kuzo.
Ibayalele ukuthi babuyele ekuziqeqesheni neqembu futhi lolu daba isilufake kwiDispute Resolution Chamber (DRC) ngokubika kweSABC Sport.
Ukulalelwa kwalolu daba kulindeleke kuqale kulo leli sonto. ISpurs, abadlali, nabameleli babo bonke bazokwenza izethulo.
IChiefs naMaZulu bame kwelokuthi le kilabhu seyehlele ezigabeni zama-amesha ngakho izinkontileka azisabalwa zabo sezifana nento engekho.
Ngalokho lamaqembu azibona enelungelo lokubasayina mahhala laba badlali – njengoba kukholakala ukuthi asenzile vele.
Kodwa iCape Town Spurs ithi bekufanele ithintwe futhi bathengwe kuyo laba badlali uma lamaqembu ebafuna.
Imithombo iqinisekisa ukuthi uVelebayi noBaartman basayine izivumelwano zesikhathi eside neChiefs, kanti uBern wenze okufanayo kuMaZulu.
Leli komiti lePSL kuzomele liluphothule ngokushesha lolu daba njengoba sekusondele ukuqala kwesizini entsha futhi lamaqembu ezofuna ukubasebenzisa laba badlali.
Isizini ka-2025/26 iqala ngeMTN8 ekuqaleni kuka-Agasti. AmaZulu azobhekana neStellenbosch FC, kuthi iChiefs — engekho kwiMTN8 — yona iqale umkhankaso wayo weBetway Premiership ngemuva kwesonto.
Kungase kufike isinqumo ngaphambi kokuthi kuqale iligi. Kodwa lokho kuncike ekutheni ukulalelwa kwecala kuleli sonto kuhamba kanjani
