Ezintsha

I-Safa kwelinye ihlazo ihluleka ukukhokhela abasebenzi

Abasebenzi, abavame ukukhokhelwa ngomhlaka-25 nyangazonke, baziswe kusele usuku bahole ukuthi ekaMashi izobambezeleka. 

Amaholo manje kulindeleke ukuthi akhokhwe ngokuhamba kwesikhathi, okungase kube yisonto elizayo.

Umuntu ongaphakathi kwi-Safa utshele abeFARPost ukuthi ukubambezeleka kwemiholo kungenxa yokubambezeleka kwemali okufanele ikhokhelwe le nhlangano ngomunye wabaxhasi bayo. 

“I-Safa ithe ayinayo imali yokukhokhela imiholo ngesikhathi isalinde imali,” ucashunwe usho kanje lo mthombo. 

“Omunye wabaxhasi kulindeleke ukuthi akhiphe imali ngesonto elizayo.”

Lolu daba luvela nje iBafana Bafana ilungiselela ukubhekana neBenin emdlalweni omqoka wokuhlungela iNdebe yoMhlaba eCôte d’Ivoire. 

Lesi siqephu sakamuva sezinkinga zemali kwiiSafa siqinisekisa ukungaphathwa kahle kwemali kule nhlangano. 

NgoDisemba wonyaka odlule, uMnyango weMidlalo, waze waboleka le nhlangano u-R5 million ukuze ukhokhe amaholo abadlali bamaqembu esizwe nezinye izindleko. 

UNgqongqoshe weMidlalo, uGayton McKenzie nguye owasiza ukuba kwenzeke lokhu ngoba ekhathazwe wukuthi abadlali bazoya emaholidini bengaholile. 

Nokho le mali wayikhipha ihamba nemibandela. I-Safa kwadingeka ichaze ngezinkinga zayo zemali futhi yethule uhlelo lokuthi izozilungisa kanjani. 

Le nhlangano yakwemukela lokhu, futhi yabonga yanconcoza kungqongqoshe ngokungenelela kwakhe.

Ngaleso sikhathi uMcKenzie wagcizelela ukubaluleka kokukhokhela abadlali ngesikhathi. 

“Asikwazi ukuvumela abadlali ukuthi bangakhokhelwa, ikakhulukazi ngemva kokwenza izwe liziqhenye. 

“IBafana Bafana ingenile kwi-Afcon futhi kumele manje igxile kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba. 

“IBanyana Banyana nayo yenze kahle inqoba iWafcon yango-2022 futhi yenza kahle eNdebeni yoMhlaba.”

Isikhulu esiphezulu se-Safa, uLydia Monyepao, sibalule ukushoda koxhaso nokubambezeleka kwezinkokhelo njengezinselelo enkulu.