
IPirates isisayine omunye umdlali onethalente osemncane
I-Orlando Pirates isimemezele ngokusemthethweni ukusayiniswa komdlali wasesiswini othokozisayo uKamogelo Sebelebele osuka kwiTS Galaxy.
Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala ujoyina iPirates ngemuva komkhankaso ovelele ka-2024/25 neGalaxy.
Udlale imidlalo engu-29 futhi washaya amagoli amahlanu, ekhombisa umgqigqo omuhle.
USebelebele uzohlangana neqembu elisale eGoli ngesikhathi iPirates iya eSpain la ilungiselela khona isizini entsha.
Njengamanje iPirates iseMarbella la isazodlala khona imidlalo emibili yokuzizwa amandla – neLas Palmas neGranada – ngaphambi kokubuyela eNingizimu Afrika ngoJulayi 20.
Kubukeka iBucs ihehwe wukuthi uSebelebele – odabuka eLimpopo – uyakwazi nokudlala emuva kwesokudla nakwesokunxele.
Leli qembu lika-Abdeslam Ouaddou livele liyashoda emuva ezinhlangothini kulandela ukuhamba isigubhukane kukaPaseka Mako noThabiso Monyane.
Bobabili laba badlali abese behlale isikhathi eside kwiPirates bavele bashiya phansi, bajoyina omakhelwane bayizimbangi zayo ezinkulu iKaizer Chiefs.
USebelebele ungumdlali weshumi osayinwe yiPirates njengoba izihlela kabusha ngaphambi kwesizini entsha.
Isadedele abadlali abahlanu kuphela okwamanje kanti owakamuva ukuhamba uMoahu Nkota oya eqenjini laseSaudi Arabia.
Abanye abakhululiwe ngo-Innocent Maela, osethathe umhlalaphansi, uMiguel Timm, osekwiSekhukhune United noMonnapule Saleng obolekiswe kwi-Orabit College.
Kusalindeleke ukuthi iqhubeke nokudedela abanye, kanti abanye kungase kubolekiswe ngabo kwamanye amaqembu.
