EzintshaOrlando Pirates

Ezintsha ngoSipho Mbule ne-Orlando Pirates

Izindaba zakamuva ziveza ukuthi i-Orlando Pirates isisithathile isinqumo ngekusasa likaSipho Mbule.

Sekuvele ukuthi leli qembu laseSoweto linqume ukungayivuseleli inkontileka yalo mdlali wasesiswini.

Ngokwemibiko, amaBhakabhaka akhethe ukungawusebenzisi umbandela okwinkontileka kaMbule yokwengeza unyaka.

Lokhu kusho ukuthi lo mdlali oke wagijima kwiMamelodi Sundowns akasenaqembu futhi usengajoyina noma liphi iqembu mahhala.

USipho Mbule ujoyine i-Orlando Pirates ngoJulayi nyakenye ngemuva kokushiya kwiSundowns.

Ufike ethwelwe ngeqoma futhi ejatshulelwe ngabalandeli ngokunjalo nezinkakha zeqembu.

Futhi akazange aphoxe, ufike washeshe wazibonakalisa njengomdlali obalulekile eqenjini ngaphansi komqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou. 

Phakathi nengxenye yokuqala yesizini, lo mdlali onesiphiwo esihle ube ngomunye wabadlali abavelele.

U-Sipho Mbule ube nesandla ekusizeni i-Orlando Pirates iphakamise izindebe zeMTN8 neCarling Knockout Cup.

Izinto nokho zithande ukumphika engxenyeni yesibili yesizini njengoba ezithole eseqiwa yijezi.

Futhi yize edlale imidlalo engu-23 kuyona yonke imiqhudelwano, iPirates isikhethe ukumkhulula ukuba ayozama kwenye indawo.

Umthombo osondelene nalesi simo ukuqinisekisile kwiFARPost ukuthi iqembu selimazisile uMbule ukuthi inkontileka yakhe ngeke ivuselelwe.