EzintshaKaizer Chiefs

ElaseMorocco lifuna isethenjwa sikaNabi kwiChiefs

IWydad ilinge uMajdi Safi – ololonga abadlali, aqinisekise ukuthi basesimweni esifanele – ngokumthembisa umsebenzi, ngokubika kwe-iDiski Times.

USafi ujoyine Amakhosi ekuqaleni kwesizini edlule njengomunye wezethenjwa zethimba lomqeqeshi uNasreddine Nabi. 

Ubambe elikhulu iqhaza ekusizeni leli qembu ukuthi liqede isomiso seminyaka engu-10 sezindebe ngokunqoba iNedbank Cup.

Lo ngoti wokujimisa nokulolonga abadlali waseTunisia usele nonyaka owodwa kwinkontileka yakhe neChiefs. 

Futhi, ngokwalo mbiko, abangaphakathi bathi ubengekho ngesikhathi iqembu libula eNaturena ngoLwesihlanu.

Lokhu kuqubule ukuqagela ngekusasa lakhe kulezi zinkunzi zaseSoweto.

IChiefs ingase ibhekane nempinda yesimo sangonyaka odlule la yalahlekelwa khona uFernando da Cruz oyayeyiphini likaNabi.

UCruz yena walingwa yiMoroccan Football Association eyamnika indima enkulu ezinhlakeni zayo, wanquma ukushiya phansi kwiChiefs.

Kusazobonakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi uSafi yena uzomisa kanjani ngalesi sicelo seWydad.

Kungenzeka anqume ukuwamukela lo msebenzi, kwazise usele nonyaka vele kwiChiefs, noma ihlale eNaturena ukuze iqhubeke nokwakhela kwakuzuze ngesizini edlule.