EzintshaMamelodi Sundowns

ElaseFrance lishaya indesheni kwiSundowns ngoweBafana

Kuthiwa leli qembu lingelinye lamaqembu amakhulu kwiligi yaseFrance futhi lifuna ukuqinisa ngoTeboho Mokoena ngesizini ezayo.

Nokho akulona iqembu lokuqala okubikwa ukuthi linomdlandla ngalo mdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns neBafana Bafana. 

UMokoena uhehe insthisekelo enkulu emaqenjini ase-Europe ngemuva kokudlala kahle kwi-Africa Cup of Nations neBafana Bafana ngonyaka odlule. 

Nokho alikho iqembu elifiikile ngaleso sikhathi liphethe into ebhekile ephaketheni futhi lo mdlali uqhubekile nokwenza kahle kwiSundowns neBafana.

UMokoena usanda kuzibophezela kwiSundowns ngokusayina inkontileka yeminyaka emihlanu enombandela wokwengeza ngomunye unyaka.

“Kuzoba nzima kwiSundowns ukugcina uTebza isikhathi eside,” umthombo ucashunwe usho kanje kwiSoccer Laduma. 

“Kunentshisekelo ngaye evela cishe isonto ngalinye noma njalo ngenyanga futhi kuya ngokuya kuba nzima eqenjini manje. Okwakamuva kuvela eFrance. 

“Angikwazi ukusho ukuthi iyiphi ikilabhu okwamanje kodwa lona selivelile ukubuza ukuthi lingadayiseleka kanjani lo mdlali.”

Umthombo uphinde wathi iSundowns ayizimisele kangako ukuhlukana nomunye wabadlali bayo abanamava okwamanje. 

“Okwamanje singasho ukuthi akekho endalini ngaphandle uma imali iyinhle ngempela. 

“Ngo-Agasti nyakenye usayine inkontileka entsha yeminyaka emihlanu enombandela wokwengeza omunye unyaka. 

“Lokhu kusho ukuthi iqembu limazisa kakhulu futhi lifisa ngempela ukumgcina isikhathi eside. 

“Uma lizomdayisa ngeke ashibhe kodwa ngenxa yokuthi lesi sicelo sivela e-Europe, futhi ikakhulukazi eFrance, kungenzeka adedelwe inqobo nje uma imali iyinhle.”

IMamelodi Sundowns ingase ikwazi ukuvumela uTebza ukuthi ahambe uma inganqoba iCaf Champions League kulo nyaka.

Kuthiwa ibambelele kubadlali babo abahamba phambili ngoba befuna balethe lesi sicoco esingesikhulu kunazo zonke ezwenikazi.