
AmaTuks ashela umqeqeshi wodumo kwiSundonws nePirates
Iqembu leNFD, AmaTuks kubikwa ukuthi selisondele ekuqokeni owayesethimbeni labaqeqeshi kwi-Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.
Ngokombiko we-iDiski Times, uMichael Loftman nguye ozothatha izintambo eqenjini ngemuva kokuhamba kukaKwanele Kopo.
AmaTuks aqede isizini esendaweni ka-11 kwiMotsepe Foundation Championship, eqhele ngamaphuzu ayisithupha kuphela ezembeni.
Lokhu kube sekudala ukukhathazeka kubaphathi beqembu, banquma ukuhlukana nalo mqeqeshi.
ULoftman akayena umuntu ongaziwa ebholeni laseNingizimu Afrika.
Uchithe iminyaka eyingxenye yethimba labaqeqeshi kwi-Orlando Pirates ngaphambi kokudlulela kwi-Mamelodi Sundowns.
Ekuhambeni kukaRulani Mokwena kwiSundowns, naye ube eseshiya wayosebenza kwiHout Bay FC eWestern Cape.
Kubikwa ukuthi abaphathi baMaTuks bakholwa ukuthi ukufika kwakhe kungavusa kabusha amathemba okubuyela esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika.
- FUNDA NALA | Usekhonjwa kwiStellies obehalelwa yiChiefs
Leli qembu laseTshwane selike lafika kabili kuma-play-offs okukhushulelwa kwiBetway Premiership kodwa lahluleka.
Manje amehlo azobe ekuLoftman ukubona ukuthi angakwazi yini ukwenza lokho okuhlulekile kwabanye – ukubuyisela AmaTuks esigabeni esiphezulu.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
