Ezintsha

UTau usejoyine owodumo kwiChiefs kwelaphesheya

UPercy Tau – ongumdlali onekhono namava – ubengenaqembu kusukela ngoJuni kulandela ukushiya kwakhe kwiQatar SC abedlala kuyo. 

Bekukuningi ke ukuqagela ngokuthi uzophelelaphi kodwa manje sekuvele ukuthi usejoyine iqembu laseVietman la kudlala khona uNjabulo Blom wodumo kwiKaizer Chiefs. 

IThep Xanh Nam Dinh, edlala esigabeni esiphezulu eVietnam imemezele ukusayina kukaTau ezinkundleni zayo zokuxhumana. 

“Samukela isihlabani saseNingizimu Afrika uPercy Muzi Tau kwiThep Xanh Nam Dinh,” ibhale kanje le kilabhu kuFacebook.

“INam Dinh Green Steel Club ifisa ukwethula umdlali omusha – uPercy Muzi Tau, isihlabani seqembu lesizwe laseNingizimu Afrika.

“UPercy Tau wazalwa ngo-1994, kanti udlala ophikweni futhi unekhono elimangalisayo lomjiko. 

“Ungumdlali osekhulile futhi onamava njengoba eseke wadlala kwiBrighton & Hove Albion kwiPremier League, iClub Brugge ne-Anderlecht kwiBelgian National Championship, i-Al Ahly kwi-Egyptian National Championship neQatar SC in the Qatar Championship.

“UPercy Tau kumanje uyilungu leqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, futhi ukufika kwakhe kuthembisa isikhathi ezinhle eqenjini.” 

Ngaphambi kwalokhu kujoyina kwakhe leli qembu laseVietnam obekungalindelekile, uTau ubeke wamataniswa nezinkunzi kuleli i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.