EzintshaOrlando Pirates

UMogashoa ungenelela olweholo likaSaleng, uveza amanga 

Amahlebezi okuthi uSaleng akaneme kwi-Orlando Pirates ngenxa yeholo elincane avele ngempelasonto. 

Kubikwa ukuthi ucele ukunyuselwa imali kodwa wachithwa ngabaphathi beqembu. 

Nesicelo sakhe sokuthi akhululwe kuthiwa naso kuthiwa sinqatshiwe futhi manje uphoqeleka ukuthi ahlale kuze kuphele inkontileka yakhe ngoJuni ka-2027. 

Kuthiwa iholo lakhe lilingana nelomdlali oseqenjini le-DStv Diski Challenge, okungelabafana abancane abasakhuliswa.

Lokhu akuzwakali ke kahle kwazise uSaleng uphakathi kwabadlali abahamba phambili kwiPirates kumasizini amathathu edlule.

Kodwa uMogashoa, oboleke uSaleng ngesizini yakhe yokuqala kwiPirates wamletha kwiSwallows, uthi lokhu akulona iqiniso.

Uwuchithile lo mbono oveza ukuthi uSaleng akaholi imali eyanele noma emfanele kwiPirates. 

“Ngingakutshela mahhala ukuthi ngesikhathi uSaleng efika kwiSwallows ebolekiswe yiPirates wayehola kahle kakhulu. 

“Futhi kwakungelona neze iholo le-DDC,” kusho uMogashoa ebhala kwi-X.

“Ukunqunywa kweholo bekungekhona okweSwallows kodwa inkontileka yakhe ne-Orlando Pirates elawula lokho. 

“Ngakho, le ndaba (yokuthi uhola amakinati) kumele ithathwe njengezindaba ezingamanga.”