
UMaart uveza imizwa yakhe ngokugxekwa kwiChiefs
- Sibongiseni GUMBI
UYusuf Maart ngomunye wabadlali abanobudlelwano obujikajikayo nabalandeli beKaizer Chiefs.
Kunezikhathi la bemthanda khona, kodwa ezikhathini eziningi banokumgxeka, bathi akekho ezingeni elifanele leli qembu.
Nangesikhathi eqokwa njengokaputeni weqembu kule sizini, kube nezinkonondo ngaye, abanye bembona engasifanele lesi sikhundla.
Ngisho nezinkakha zeqembu, okukhona kuzo uNeil Tovey, zishaye amakhala ngaye, zithi iqembu kumele liholwe ngumdlali ohlezi edlala kahle ukuze abe yisibonelo kozakwabo.
Nokho uMaart yena akanandaba nakho konke lokho, uzibhekele umsebenzi wakhe nje kuphela.
“Yinto engingayinaki noma ngithi engingayazi ngoba angikho kangako ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uMaart kuleli viki.
“Uma umningi kulezo zinto, yileyo indlela ongagcina ngayo ngayo okwenzeka noma okushiwo khona.
“Kuningi okumele ngithuthuke kukho futhi ngethemba ukuthi lokho kuzokwenzeka maduze.”
IChiefs iyiqale ngegiya elihle isizini kwiBetway Premiership, ijabulisa abalandeli emidlalweni yokuqala emibili.
Nokho ifike yabhajwa kwiMamelodi Sundowns, ihlulwa ngo 2-1. Nokho uMaart uthi lokho akubaphazamisanga.
“Ngicabaga ukuthi siqale kahle yize lowo mdlalo (weSundowns) ungahambanga ngendlela ebesifisa ngayo.
“Akubanga umphumela esasiwubhekile, kodwa lokho ngeke kuphazamise umgqigqo wethu.
“Anicabangi ukuthi kuzosiphazamisa,” kwengeza uMaart ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo wobungani wangempelasonto.
IChiefs izozwana amandla neMarumo Gallants emdlalweni weCufe Cup eFree State Stadium, eBloemfontein ngeSonto.
