
Yini umehluko kwiChiefs neDowns, uGaston Sirino uyachaza
UGaston Sirino useveze akubona kungumehluko omkhulu phakathi iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns lapho ahlale khona iminyaka eyisithupha.
Lo mdlali wase-Uruguay unqobe izindebe eziningi naMasandawana ngaphambi kokuthi adedelwe ekupheleni kwesizini edlule.
IKaizer Chiefs isukume ngokushesha yamnqaka uGaston Sirino onethalente elingangatshazwa futhi elelekwe amava ukuqinisa ngaye iqembu layo.
Manje uSirino usethubeni lokuwina indebe yakhe yokuqala neChiefs njengoba isemdlalweni wamanqamu weNedbank Cup lapho izohlangana khona ne-Orlando Pirates eThekwini.
Lo mdlalo olindelwe ngabomvu – amathikithi awo asedayise aohela – uhlelelwe ukuba senkundleni edume umhlaba wonke iMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Ekhuluma nabezindaba kuleli sonto, uGaston Sirino uvumile ukuthi umehluko omkhulu phakathi kweSundowns neKaizer Chiefs yizinga labadlali.
“ISundowns inabadlali abaningi kakhulu futhi bonke bangabadlali abasezingeni elihle,” kusho uSirino.
Uphakamise ukuthi ukuba neqembu elingelikhulu ngokwesibalo sabadlali kuyiphazamisile iChiefs kule sizini.
“Lapha kwiChiefs, kwesinye isikhathi silinyalelwa umdlali oyedwa, noma ababili bese iqembu lishodelwe ngabadlali.
“Uma u-Inacio Miguel noma othile elimele sidinga uBradley Cross ukuthi adlale maphakathi emuva.
“KwiSundowns, cha akunjalo. Banabadlali abaningi kuzo zonke izindawo. Kodwa nalapha izinga labadlali lihle.”
USirino uphinde wathembisa abalandeli baMakhosi ukuthi bazokwenza konke okusemandleni abo ukuqinisekisa ukuthi bayanqoba ngoMgqibelo.
SIBAMBE NAKU-FACEBOOK | Lisenethini.co.za
IChiefs ibheke ukuthola indebe yayo yokuqala esemthethweni eminyakeni eyisishiyagalolunye, kanti iPirates ibheke ukunqoba iNedbank Cup okwesithathu kulandelana.
