
INigeria nengwadla ngaphambi komdlalo weBafana
Sekuvele izindaba ezinyakazise ikhempu yeqembu lesizwe laseNigeria futhi zabeka amathuba ayo okungena eNdebeni yoMhlaba engozini.
UVictor Osimhen, umgadli weSuper Eagles oyisethenjwa futhi ongomunye wabagadli abasathswayo emhlabeni jikelele, ngeke adlale kulo mdlalo obalulekile neNingizimu Afrika.
Ukulimala kwakhe kwenzeke emdlalweni odlule bebhekene neRwanda ngoMgqibelo la ephume khona esiwombeni sokuqala.
Lokhu kushiye abalandeli beSuper Eagles bebambe umoya, benethemba lokuthi bekungeyona into ebucayi.
Kodwa manje sekufakezeleke izindaba ezimbi zokuthi lolu nkonko lo mgadli ngeke lube khona kulo mdlalo okumele iNigeiria iwunqobe ukuba nethuba lokungena eNdebeni yoMhlaba.
Udokotela weqembu laseNigeria usekuqinisekisile ukuthi u-Osimhen ulimale kabi embaleni futhi ngeke abe khona emdlalweni olwandelayo.
Ngokwemibiko eqhamuka eNigeira, u-Osimhen akekho esikwatini esiya emdlalweni wangoLwesibili neBafana Bafana eBleomfontein.
Ukungabi khona kwakhe kuyisithiyo esikhulu kwiNigeria. ISuper Eagles ibithembele emandleni ka-Osimhen ukuhola ukuhlasela kwayo kulo mdlalo onzima.
Ijubane, amandla, nobukhali bakhe phambi kwepali kumenze waba ngumdlali olalisa izitobha obenyoni uma zizobhekana naye.
Uma esenkundleni, iNigeria ihlezi iyingozi futhi ingalithola noma nini igoli. KwiNingizimu Afrika, lezi zindaba zizokwehla kahle kakhulu.Â
iBafana Bafana ibilungiselela impi enkulu ibhekene nomunye wabagadli abasatshwa kakhulu emhlabeni.
Nokho nangaphandle kuka-Osimhen, isazoba nenselelo enzima, kodwa ukungabi khona kwakhe kuzoyinika ukuzethemba okwengeziwe.
ISuper Eagles kumele manje izihlele kabusha ithole indlela yokuwina ngaphandle komdlali wayo omkhulu.
Ingcindezi izoba kuTolu Arokodare nabanye abagadli ukuthi basukume bavale isikhala esishiywe wukungabibikho kwakhe.
FUNDA NALA | UCarelse uhloza okubulala amaqembu aseKapa
Nangesikhathi ibhekene neRwanda, ithwale kanzima phambili, kucacile ukuthi ayashoda amava akhe ngemuva kokuthi ephumile.
Nokho iNigeria igcine inqobe ngo 1-0 kulo mdlalo, okuyenza isalele ngamaphuzu ayisithupha kwiBafana ngaphambi komdlalo wangoLwesibili.Â
Kungenzeka ke nokuthi ukubikwa kokuthi u-Osimhen akekho kwenzelwa ukuba iBafana yehlise umhlwenga, izitshele ukuthi kuzoba lula kanti ukhona.
