
UThemba Zwane uveza owamenza akangalilahla ithemba elimele
Umakadebona weMamelodi Sundowns, uThemba Zwane, usedalule owayenguzakwabo omsizile ngesikhathi elimele.
Ubonge owayenguzakwabo uSibusiso Vilakazi ngokumsiza ukuthi angalilahli ithemba futhi alwele ukubuya ngamandla eqenjini.
UThemba Zwane uhlale isikhathi eside engadlali ngemuva kokuklubuka umsipha weqakala ngesikhathi edlala kwiBafana Bafana ngo-Okthoba ka-2023.
Lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala ukhulume ngalesi sikhathi esibe nzima kuye ngesikhathi ekhuluma nabeSuperSport TV ngaphambi komdlalo wangeSonto.
UZwane ubonge uVilakazi, obesebenza njengomhlaziyi ngokumeseka ohlelweni lwakhe lokwelulama.
“UVila uke wabhekana nalesi simo phambilini,” kusho uThemba Zwane.
“Wangifonela wangikhumbuza ukuthi akukapheli ngami. Wangenza ngaqina ngamazwi amahle nezeluleko eziqotho.”
Laba bobabili badlale ndawonye wkiSundowns phakathi kuka-2016 no-2022.
UVilakazi yena walimale kanzima ngesikhathi esadlala futhi ukwazile ukuluqonda usizi lukaZwane.
“UVila ungisize ngaqonda ukuthi ngidinga nje ukulandela inqubo yokwelashwa futhi ngihlale nginethemba,” kwengeza uZwane.
UZwane usebuyele enkundleni kanti usanda kusayina inkontileka yonyaka naMasandawana.
Lesi sivumelwano esisha sizomgcina eseeChloorkop kuze kuphele isizini ka-2025/26.
Ngaleso sikhathi, uzobe eseneminyaka engu-36 ubudala, futhi maningi amathuba okuthi kube yisizini yakhe yokugcina kuleli qembu.
UZwane ukubeke kwacaca ukuthi uzimisele ngokuwuphetha ngegiya eliphezulu umsebenzi wakhe wokudlala.
“Ngifuna ukuziphusha. Ngifuna ukuphusha iqembu,” kusho yena. “Kimina, ngifuna ukuqeda umsebenzi wami ngegiya eliphezulu.”
Ukulimala bekunzima, kodwa umoya wokulwa kaZwane nohlelo lokumeseka kumsizile ukuthi alulame futhi kungamkhubazi emoyeni.
Ukubonga kwakhe kuVilakazi kukhombisa isibopho esiqinile phakathi kwalaba badlali abebedlala ngawonye phambilini.
UZwane usengumdlali obalulekile kwiSundowns kanti kulindeleke anikwe omunye umsebenzi eqenjini uma eyewabeke ethala amakhokho.
Abalandeli bazobe bemagange ukubona ukuthi angayisiza yini iSundowns iqoqe ezinye izicoco ngemuva kokuwina iligi kule sizini.
ISundowns idlale umdlalo wayo wokugcina weligi ngeSonto ibhekene neMagesi FC.
Isizoqala amalungiselleo imdlalo wamanqamu weCaf Champions League – umlenze wokuqala ungoMgqibelo.
Izobhekana neqembu lase-Egypt, iPyramids FC kulowo mdlalo wamanqamu. Ngemuva kwalokho izobhekisa amabombo kwiFifa Club World Cup e-USA.
