Ezintsha

Utalatiya lweRoyal AM noguquko olunqala kwi-PSL 

Leli kilabhu idayiswe esidlangalaleni ukuqoqa imali ekweletwa iSars ngumengameli wayo uShauwn Mkhize.

Lokhu kuvela ukuthi lolu talatuya lwe-Royal AM lungase kuphoqe i-PSL ukuthi yenze lokho osekukade inxuswa ukuba ikwenze, kodwa ikuziba. 

Kuvele ukuthi i-PSL icabanga ukwenyusa isibalo samakilabhu eBetway Premiership siye ku-18 esikhundleni sika-16. 

Lokhu kuzosiza ukugwema izinkinga ezingadingekile nezingaliaza isithunzi sebhola elikhokhelayo kuleli ngenxa yalolu talatiya lwe-Royal AM.

Leli qembu kumanje alidlali ngenxa yalezi zinkinga elibhekene nazo futhi lagcina ngoDisemba nyakenye ukudlala umdlalo we-PSL. 

Njengamanje iRoyal AM isemsileni kwilogi futhi ayikaze idlale nowodwa umdlalo kusukela ngoDisemba.

Le kilabhu ezinze eMgungundlovu njengamanje idayiswa esidlangalaleni kanti abazogcina bephumelele ukuyithenga bazomenyezelwa ngesonto elizayo.

Bekunentshisekelo enkulu kule kilabhu kwabe sekufakwa izicelo ezahlukene okubalwa nezivela kosomabhizinisi bangaphandle kwakuleli.

Esigqame kakhulu kuzo okuthiwa besivela kusomabhizinisi waseRussia osevele uthenge igama leBloemfontein Celtic futhi ufuna ukuvuselela leli kilabhu yodumo. 

Kodwa okuthatha amehlo kakhulu wukuthi i-PSL, njengendlela yokuzama ukugwema izinyathelo zomthetho ezingase zilandelwe abanikazi abasha, ifuna ukwandisa amaqembu. 

Ngokubika kweSportswine.co.za, isigungu esiphezulu sePSL sinemihlangano engapheli la kudingidwa khona le ndaba yokuthi lingabi khona iqembu elidliwa yizembe kule sizini.

Esikhundleni salokho, kuzonyuka amabili asuka kwiMotsepe Foundation Championship, ajoyine isigaba esiphezulu. 

“Ngenxa yalesi siphithiphithi, iSportswire isithole ukuthi iPSL, isebenzisa isimo se-“force majeure”, ingase ikhethe ukumisa izembe kule sizini. 

“Esikhundleni salokho, izonyusa amakilabhu amabili ngesizini elandelayo,” ufundeka kanje umbiko wabo.

“Lokhu nokho kungaphansi kokugunyazwa yisigungu esiphezulu sePremier Soccer League. 

“Lesi sigungu sizodingida lolu daba futhi sichibiyele imithetho ngalesi sinqumo.”