Confederation CupEzintsha

UBarns uphawula ngokumhehe kwiStellies 

Ngemuva kwesizini encomekayo neRichards Bay, lapho eqokwe khona emklomelweni weDStv Premiership Midfielder of the Season, uBarns usezodlala kwiStellenbosch.

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala uzwakalise injabulo yakhe ngalesi sinyathelo futhi wagqamisa inxano leqembu lokudla izicoco njengento emhehile. 

“Ngijabule kakhulu ngokuba lapha ngoba iStellenbosch yiqembu elihle kakhulu.

“Yiqembu elinabadlali abahle kakhulu nomqeqeshi osezingeni eliphezulu,” kusho uBarns.

“Wonke umuntu lapha ujabule kakhulu, ngakho-ke umuntu kufanele ajabule ngokuba lapha, futhi ngijabule kakhulu ukuqala uhambo lwami kwiStellenbosch FC.”

UBarns ugcizelele ukubaluleka kokujoyina iqembu elilwela izicoco. 

“Kumele ubheke izinto eziningi uma ujoyina iqembu elisha. 

“Kufanele ubheke ukuthi bayazifuna yini izindebe, iStellenbosch iyazilwela izindebe. 

“Isinqumo sami sokujoyina iqembu sisekelwe kulokho.”

Umoya wakhe wokuncintisana ubonakale kusukela osukwini lokuqala, njengoba ezwakalise isifiso sokusiza iStellenbosch ukuthi iwine izindebe eziningi ngesizini ezayo. 

“Ngiyethemba ukuzuza izinto eziningi lapha,” kwengeza uBarns. 

“Okokuqala, sinomqhudelwano [iMTN 8] ozoqala maduze, neCaf Confederation Cup, futhi inhloso yami wukunqoba zonke lezi zindebe. 

“Abalandeli bangalindela ibhola elihle kakhulu, nomdlali weqembu ozinikele kakhulu. 

“Ngethemba ukuthi ngingakwazi ukufaka isandla kakhulu empumelelweni yeqembu.”

Njengoba esekuvezile ukuthi uzele izindebe, uBarns uzimisele ngokwenza into ebonakalayo kwiStellenbosch FC.