
Usevuke ngelinye iqembu u-Eva Nga ogajwe yiChippa United
Kubukeka sengathi umgadli waseCameroon u-Bienvenu Eva Nga akachithanga sikhathi ezikhotha amanxeba ngemuva kokuhlukana neChippa United njengoba esethole ikhaya elisha.
Lo mgadli ongumakadebona ubengomunye wabadlali abaningi abadedelwe yiChilli Boys ekupheleni kwesizini njengoba leli qembu laseGqeberha lizihlela kabusha.
Kodwa kuthe kungakamenyezelwa nokuthi uyagajwa, u-Bienvenu Eva Nga wabe esesayine inkontileka neqembu elikhulu laseMozambique, iCosta do Sol, okuyiqembu ake walidlalela ngaphambilini.
Ngokubika kwe-iDiski Times, lo mdlali oneminyaka eminingi edlala kwiPSL ubuyela eMaputo okwesibili.
Wake wadlala khona ngesizini ka-2019/20 ngaphambi kokufika eNingizimu Afrika lapho aqala khona uhambo lwakhe ngaphansi kukaGavin Hunt kwiBidvest Wits.
U-Eva Nga ubuyele amahlandla amathathu kwiChippa United, waze wagcina ethole nethuba elikhulu lokudlalela i-Orlando Pirates ngo-2022.
Nokho izinto azimhambelanga kahle kweZimnyama, okwaholela ekutheni abuyele kwiChilli Boys.
Ngemuva kwalokho wazama inhlanhla yakhe e-Italy kwiPortogruaro Calcio ngaphambi kokubuyela futhi kwiChippa ngesizini esanda kuphela.
Manje lo mgadli usebheke ukuvuselela umsebenzi wakhe eMozambique, lapho aqala khona ukuzakhela igama.
Phakathi kwabanye abadlali abadedelwe yiChippa United kukhona uLukhanyo July, uXolani Sithole, uAyabulela Konqobe, uSomila Ntsundwana noBongani Sam.
