Izindebe

Usebanjiwe ojikijele uSiyabonga Ngezana, wamlahla phansi

USiyabonga Ngezana ujikijelwe ngokuthile okumshaye wawa phansi ngesikhathi iFCSB ibhekene neRapid Bucuresti.

Lesi sigameko senzeke ngomzuzu wesithathu womdlalo obuseGiulesti Stadium ngeSonto, kanti asizange siyithikamele iFCSB njengoba igcine inqobe ngo 1-0. 

Lo mdlali wasemuva okhulele kwiKaizer Chiefs ushaywe yinto ethile ephonswe enkundleni ngumlandeli.

Abasebenzi bezokwelapha baphuthume ukuyomsiza. Ngenhlanhla akalimalanga futhi ukwazile ukuqhubeka nomdlalo.

Naphezu kwalesi sigameko, i-FCSB iqhubekile yathola enye iwini ebalulekile emidlalweni yokuhlunga yeRomania SuperLiga.

Lokhu kunqoba kuyisondeze ekunqobeni isicoco sesibili seligi amasizini elandelana.

Ngokubika kweDigiSport, iGendarmerie, uphiko lwezokuphepha lwaseRomania, usehlonziwe lo mlandeli ojikijelile.

Kuvela ukuthi ngothile obehlezi endaweni yesibili yesitandi senkundla. 

Izikhulu zamaphoyisa zibuyekeze ividiyo yesigameko ngaphambi kokuqinisekisa umsolwa.

Isitatimende esivela kwiGendarmerie sithe:

 “Ekuqaleni kwesiwombe sokuqala, kube nomuntu ojikijele into ethile enkundleni, yashaya umdlali weqembu elivakashile. 

“IGendarmes ibuyekeze izithombe futhi yakwazi ukuhlonza umsolwa.”

Lo mlandeli manje ubhekene nenhlawulo ephakathi kuka-500 no-1 500 Lei (cishe u-R2 000 kuya ku-R6 500 ngokwemali yakuleli). 

Ngaphezu kwalokho, kungenzeka athole isijeziso sokuvinjwa unyaka wonke engayihambeli imidlalo.

I-Gendarmerie ikubeke kwacaca ukuthi izenzo ezifana nalesi ngeke zibekezelelwe.

Lesi sigameko sisuse ukukhathazeka ngokuphepha kwabadlali, ikakhulukazi emidlalweni esezingeni eliphezulu.

I-FCSB noSiyabonga Ngezana basagxile ekujaheni isicoco, kanti sekusele imidlalo emine kuphela esigabeni seyokuhlunga.

Iqembu alikasikhiphi isitatimende esisemthethweni, kodwa abalandeli bakhombise ukumeseka kakhulu uNgezana selokhu kwenzeke lesi sigameko.

Iziphathimandla zebhola laseRomania kulindeleke ukuthi ziqinise ezokuphepha kulandela lesi sehlo esibi.