Ezintsha

I-Orlando Pirates ‘iyolanda amandla’ eSpain, inemidlalo emqoka

Okwesibili iminyaka ilandelana, i-Orlando Pirates izobhekisa amabombo eSpain okuyikhaya lomqeqeshi wayo uJose Riveiro. 

AmaBhakabhaka azoqala uhambo lwawo ngoNtulikazi, kanti ngo mhla ka-12 wayo le nyanga azobhekana nePlymouth Argyle edlala kwi-English Championship. 

Ngemva kwalokho, izobhekana neSevilla, esibengompetha be-Uefa Europa League amahlandla ayisikhombisa, emdlalweni wobungani eJesus Navas Centre ngomhla ka-15 kuNtulikazi. 

Emdlalweni wayo wokugcina izobhekana ne-Al Sadd yaseQatar edlala esigabeni esiphezulu sakuleliya lizwe lomacaphuna kusale ngomhla ka-19 kuNtulikazi. 

Ikhempu ye-Orlando Pirates yokulungiselela le sizini nayo beyikhona eSpain futhi ibonakale ibe nomthelela omuhle kuleli qembu.

Abadlali abasha abafana noRelebohile Mofokeng, Patrick Maswanganyi, noSiphelo Baloni bakhombisa ukungena egiyeni le qembu kuyo le khempu. 

UMofokeng noMaswanganyi bagcinae bethola izindawo zokudala njalo eqenjini isizini yonke kulandela le khempu.

UBaloni yena uthwale kanzima futhi ijezi ubelithola amacozucozu. Isimo sakhe sitsheke kakhulu ngesikhathi uThalente Mbatha ejoyina ngoMasingana. 

UMbatha ufike wajwayela ngokushesha waba yingxenye ebalulekile yeqembu likaRiveiro.

Njengoba uhambo lusondela, i-Orlando Pirates isiqedelela ukuhlanganisa isikwati sayo ezohamba naso. 

Seyidedele abadlali abayisithupha, kanti kulindeleke ukuthi kuhambe abanye ngaphambi kokuqala kohambo. 

Kulindeleke nokuthi imemezele abadlali abasha ngaphambi kwalolu hambo lwayo lwase-Europe.

Imataniswa nabadlali abambalwa okukhona kubo uDeono Van Rooyen weStellenbosch FC noKeagan Johannes weSuperSport United.