AmaZuluEzintsha

URowan Human uveza okwamyekisa iChiefs, waya kuMaZulu

Uphenduke amagwinya ashisayo njengoba amaqembu eBetway Premiership ayebheke ukumthola ukuqinisa ngaye.

Phakathi kwamaqembu ayefuna uRowan Human kubalwa iKaizer Chiefs, kodwa isivumelwano asizange senzeke futhi izizathu azizange zidalulwe ngaleso sikhathi. 

Ugcine esekuMaZulu FC kanti useveze ukuthi kungani akhetha leli qembu elizinze eThekwini kuneKaizer Chiefs. 

URowan Human udalula ukuthi ukukhathazeka komndeni wakhe kwaba neqhaza elikhulu kwisinqumo sakhe.

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala uke waba nethuba lokudlala phesheya ngaphambi kokubuyela kwiMaritzburg United, lapho ahlala khona iminyaka emibili. 

Ngaphambi kokuthi asayine kuMaZulu, imibiko ibimmatanisa neChiefs ebiyakha kabusha iqembu layo ngaleso sikhathi.

Ekhuluma ne-iDiski Times, uHuman ukuqinisekisile ukuthi Amakhosi ayemfuna impela kodwa wachaza ukuthi abazali bakhe basaba ukuthi angase alinhgeke uma ebuyela eGoli.

“Bathi kimi, ‘Asinaso isiqiniseko sokuthi kuhle ukubuyela eGoli ngenxa yalezi zinto ezenzekayo laphaya’. 

“Abazali bami babekhathazekile ngokuthi ngizochitha isikhathi esiningi eWestbury futhi ngiphazamiseke,” kuchaza yena.

Umndeni wakhe wameluleka ngokuthi ahlale eThekwini, ukholelwa ukuthi yindawo ephephile nengcono kuye. 

Enye into eyamheha kuMaZulu ngaleso sikhathi wukuthi ayecijwa uPablo Franco Martin.

“Ngacabanga ukuthi, nangu umqeqeshi waseSpain, ithuba lokufunda leli. 

“Ngiyayithanda iLaLiga (iligi yaseSpain), futhi amaqembu aseSpain adlala ibhola wonke umuntu alithandayo,” kwengeza uHuman.

Njengamanje lo mdlali ungomunye wabadlali abayizethenjwa kuMaZulu asecijwa u-Arthur Zwane owayemfuna kwiChiefs.